Ibhola lezinyawo

Ibhola lezinyawo (nabiza ngokuthi "ibhola") ngumdlalo. Lo ngumdlalo onesasasa kakhulu emhlabeni,yingakho nje aabanye bawubiza ngomdlalo wezigidigidi zabantu (Game of billions). Ngokuya ngomlando webhola lezinyawo lomdlalo waqala eNgilandi kwelamaNgisi eminyakeni eminingi eyedlula. Kulo mdlalo iqembu ngalinye linabadlali abayishumi nanye. Kukhona unozinti onguyena obheke ukuthi akukho bhola elingena ngaphakathi kwezinti. Abanye ababadlali badlala emuva, abanye phakathi esiswini kanti abanye badlale phambili babe amafolosi. Abadlala emuva banceda unozinti ukuthi abadlala nabo bangafaki igoli ngaphakathi, laba abavimbayo bazakusebenzisa izinyawo nekhanda ukuvimba ibhola ukuthi lingangeni ezintini. Uma kuke kwangena igoli ezintini izibukeli ziye zijabule zenqe ukkhombisa yona injabulo ngoba behlule. Omabili amaqembu aba nabadlali abalinganayo ngenani, kanti kuba khona unompempe, ohambisana nabasizi bakhe abathathu, omunye umsizi uma kwenye ingxenye kuthi omunye ame ngakwenye ingxenye. Abancedisi basebenza njengamehlo kanompempe ukubheka abadlali abadlalisa kabi abanye abadlali, abangalandeli imithetho yebhola njengalabo ababamba abanye abadlali nnoma abakhahlela abanye abadlali. Lapha ngunozinti kuphela ovumeleke ukubamba ibhola ngesandla, kanti naloyo ozophonsa ibhola uma liphumele ngaphandle. Unompempe uhlala aphethe indweba ykhe ayishaya ukukhuluma nabanye abadlali noma ukuyala ukuthi kwenzeke ini. Kanti nasemdlalweni webhola abadlali abadlala kabi bayajeziswa, kuya ngokuthi umdlali obeqonde ukudlala kabi kangakanani, uma ekhahlela omunye ngenhloso yokumlimaza, unikezwa ikhadi eliphuzi kanjalo uyakhalinywa, bese kuthi uma esephinde wadlala kabi futhi wathola elinye futhi eliphuzi, uye anikezwe elibomvu elishoyo ukuthi aphume emdlalweni angasadlali ngoba uyingozi kwabanye abadlali. Amaqembu agqoka izimpahla ezingafani ukwenzela ukuthi abadlali babonakale bengafani. Lo mdlalo ube nezikhuzeli abahlala ngaphandle kwebala, bakhuze, bakhalime, bakhuthaze abadlali babo. Kanti wonke lamaqembu anabaqeqeshi abo abasetha abadlali babo ukuthi badlale kanjani. Abaqeqeshi yibo abalolonga abadlali ukuze balungele umdlalo. Kuyothi iqembu elikwazile ukufaka amagoli amaningi kube yilo elinqobayo. Iningi Afrika ingelinye izwe elithanda umdlalo webhola lezinyawo. Baningi abadlali beNingizimu Afrika abababa nesasasa abake badlala ngaphesheya, ngikhuluma ngesilomo esedlula emhlabeni uSteve Kalamazooo Mokone, UJomo Sono, U-Ace Ntsoelengoe,Phil Masinga, Lucas Radebe, Benny McCarthy, Quinton Fortune, Hellman Mkhalele, David Nyathi, Doctor Khumalo, Siyabonga Nomvethe, John "Shoes" Moshoeu, Shaun Bartlett, Mark Fish nabanye abasadlala namaje oTokelo Rantie, Steven Pienaar, Kagiso Dikgacoi nabanye engeke ngaqeda ukubabala.

Iqembu lesizwe elibizwa ngokuthi yiBafana Bafana selike lanqoba indebe ye-Afrika,ngonyaka ka 1996, lapho amagoli ethu afakwa yisilomo uMark Williams. Iningizimu Afrika iye yancintisana namazwe amaningi afana no-Brazil, Argentina, France, Nigeria, Angola, namanye amazwe anesasasa emdlalweni webhola lezinyawo emhlabeni.


References hlela

  • Mandelbaum, Michael (2004); The Meaning of Sports; Public Affairs, ISBN 1-58648-252-1
  • Green, Geoffrey (1953); The History of the Football Association; Naldrett Press, London
  • Williams, Graham (1994); The Code War; Yore Publications, ISBN 1-874427-65-8
 
Wiktionary logo