IsiThununu sezimboni

isithununu ezisetshenziswa kwezokukhiqiza

Isithununu sezimboni siwuhlelo lwesithununu olusetshenziselwa ukukhiqiza. Izithununu zezimboni ziyahlelelekwa (automated), ziyahleleliseka (programmable) futhi ziyakwazi ukuhamba ngamachopho amathathu noma amane.

IsiThununu sezimboni esinyewuziwe esisebenza endaweni yokuncibilikisa.

Imisebenzi ewunongo yezithununu ihlanganisa ukushisela, ukubheca, ukuhlanganisa, ukuhlakahla, ukukhuphulula nokubeka eziqengqeni zomthandelo ezishicilelwe, ukugcishaza nokugqaba, ukuqhinqa, ukuhlola imikhiqizo, nokuvavanya; yonke efezwa ngokukhuthazela, ngejubane eliphezulu nobunyoninco.

Ngonyaka wezi-2000, kuqagelwa ukuthi izithununu zezimboni ezingaba isigidi esi-1.64 zazigidingiswa umhlaba wonke.

Izinhlobo nolwangu hlela

 
Iqoqo lezithununu zamachopho ayisithupha lisetshenziselwa ukushisela
 
Inhleleleko yomkhando enezithununu zezimboni zokugaya imikhiqizo yokudla enjengesinkwa endlini yokubhaka eJalimani

Kunezinhlobo eziyisithupha zezithununu zezimboni.[1]

Isithununu esinyewuziwe hlela

Izithununu ezinyewuziwe[1] ziyizithununu zezimboni ezaziwa kakhulu.[2] Zifana nengalo yomuntu, okwenza zibizwe nangokuthi izilumba.[3] Ukunyewuza kwazo ngokukhululeka amazinga ambalwa kuzivumela ukuba izingalo zazo zinyakaze kabanzi.

Isithununu esizihlelelekayo hlela

Isithununu esizihlelelekayo yisithununu esiqhogoya ngaphandle kokulawulwa umuntu. Izithununu zokuqala ezizihlelelekayo.

Imithombo hlela

  1. 1.0 1.1 "OSHA Technical Manual (OTM) | Section IV: Chapter 4 - Industrial Robots and Robot System Safety | Occupational Safety and Health Administration". www.osha.gov. Kulandwe ngomhlaka 2020-11-15.
  2. Guarana-DIY (2020-06-30). "The Top Six Types of Industrial Robots in 2020". DIY-Robotics (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2020-11-15.
  3. "Robots and robotic devices — Vocabulary". www.iso.org. 2012. Kulandwe ngomhlaka 2020-11-15.