Izambane uhlobo lwesilimo esimila phansi komhlabathi. Linekhasi elinsundu kodwa lona linombala omhlophe ngaphakathi. Lidliwa abantu kanye nezilwane. Izambane lidume kakhulu ngokuba yindawo yokutholakala kwamavithamina nezimbiwa ngobuningi bazo. Izambane elilodwa nje lilingene lingakunika uMgethe (Magnesium), osiza kakhulu ekuqiniseni ikakhulukazi amathambo; insimbi (Iron) yona ingumqondisi wokuhanjiswa kwesOhwe (oxygen), esisiza ukuba isOhwe sihambe ngokushesha futhi nangobuningi.

Umfanekiso wezambane

Izambane liphekwa ngezindlela ezahlukene. Lingabiliswa ngamanzi nosawoti, noma liphekwe nomvubo (stew) wenyama, noma liphekwe enkangwini yomlilo wawo.