Amacansi/Izicephu

icansi

Amacansi noma izicephu aziwa ngokuthi omata abenziwa ngotshani oluyikhethelo futhi oluqinile olubizwa ngokuthi (incema). Kujwayelekile ukuthi enziwe indlu emnyama ikakhulukazi abantu abadala phecelezi izalukazi. Sikhule abantu abadala kuyibona abanamakhono okwenza amacansi okuyinto ebebibeka isinkwa etafuleni emindenini eminingi. Ukukhula ekhaya elinogogo owenza amacansi bekuba nomthelelela omuhle ngoba nabazukulu bebeba nentshisekelo yokufunda ukuwenza futhi begcine nabo sebecija ikhokno lokuwenza. Bekuthi lapho ilanga seliyoziphonsa kunina izalukazi zikhiphe amathuluzi okwenza amacansi bese ziyohlala nabazukulu ekhishini bathamele ukufudumala komlilo ebe ebaxoxela izinganekwane.

Imisebenzi yamacansi

Amacansi asebenza njengomata emakhaya ethu. Abantu uma bevakashile emakhaya ayakhishwa abekwe lapha okume khona izivakashi bese zihlala kamnandi kuwo. Amacansi aphinde adlale indima enkulu kakhulu uma kushoniwe emakhaya. Kudala ngenkathi omasingcwabisane bengakabi khona kwakuthi uma kukhona ilunga lomndeni elidlule emhlabeni, abantu abadala babethatha umzimba kamufi bewugoqe ngengubo ehlanzekile bese bewuqukula ngawo amacansi. Kuyothi lapho sebeyisa umufi endaweni yakhe yokugcina babendlala amacansi ngaphansi emgodini bese bewubeka umzimba wakhe umufi. Namanje asadlala indima enkulu ebandleni lamaNazaretha ngoba asawasebenzisa ukuhlala kuwo enkonzweni. Bona basebenzisa kakhulu izicephe(amacansi amancane). Kuhle ukuqhakambisa amakhono abantu abamnyama.

[1]

Izinkomba

https://earthafricacurio.com/information/african-grass-mats

  1. https://earthafricacurio.com/information/african-grass-mats

[[Category: Amacansi]]

[[Category: Izinganekwane]]