Amayezenaba

Amafu esithikili esiphakame, azacile, nasimosinye

Amayezenaba, angamafu aphakeme kakhulu , azacileyo, navamise ukufana nohlobo lwamafu olubizwa amafufenaba. Lawa mafu akhiwa imincwebe yeqhwa, okuyizicucu zamanzi akhazileyo. Kuyinkiya ukuwahlonga futhi yiwona avamise ukudala imiqhele . La mafu akheka lapho ethatha isimo samayezenaba anemvula azacile. [1] La mafu anomucu wenkosa ongenawo imiqhele lapho ewugqinsi lwamayezi asankosa . Lapho kunensondelo yomsinga, amayezenaba avamise ukuqala njengefu lemvula futhi aphenduke kube yifunkosa. Uma amayezenaba aqala njengezimvingi zamafu esibhakabhakeni ngokuvamile kusho ukuthi umsinga ubuthakathaka. Amayezenaba avame ukutholakala ngaphezu kwamakhilimitha ayisi-5.5   Ukuba khona kwaylwo kukhomba inani elikhulu lomswakama ongaphezu kwezulumbulunga . [2] Amafu anenswebu yamayezenaba ngezikhathi ezithile akheka ezindaweni ezibandayo zohowombulunga oluphansi.

Amayezenaba ebusuku abanga ukwakheka komqhele wenyanga

Amayezenaba ngezinye izikhathi abuye abikezele ukusondela komsinga obandayo uma akheka ngemuva kwamayezi futhi ahlakazeka kusuka endaweni eyodwa avundle isibhakabhaka, futhi lokho kungaba izimpawu zokuthi imvula izolandela emahoreni ayishumi nambili (12) kuya kwangamashumi amabili nane (24) noma masinyane emahoreni ayisithupha (6) kuya kwayisiphohlongo (8) uma umsinga usheshisa. Uma amayezenaba eyinkoza eqephukile, angasho ukuthi umsinga ubuthaka futhi amafufenaba esikhundleni samafemvula azohloma (okusho umkhizo, noma iqhwa encane.

Amaphatho

hlela
  1. . p. 29–31. Missing or empty |title= (help)
  2. Ludlum, D. (1991). New York: Alfred A. Knopf. ISBN 0-679-40851-7.