Amos Masondo

usombusazwe waseNingizimu Afrika

uNkosiyakhe Amos Masondo (owazwala ngezi-21 kuMbasa ngo-1953 eLouwsburg)[1]ungusopolitiki waseNingizimu Afrika, osebe ngusihlalo woMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe zaseNingizimu Afrika kusukela ngezi-23 kuNhlaba 2019.[2]Wayeyi meya yedolobha elikhulu Igoli, eNingizimu Afrika, phakathi kukaZibandlela 2000 no 2011. Uyilunga le African National Congress, waphinde waba ngumeya wedolobha elikhulu elabe liyimbumbe iGoli.

Amos Masondo
uMasondo ngo 2007
Ushlalo woMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe zaseNingizimu Afrika
Manje
Isikhathi:
23 kuNhlaba 2019
Deputy Sylvia Lucas
Emva kwa Thandi Modise
iMeya yeGoli
Isikhathi:
2000–2011
Emva kwa Isaac Mogase
uLandelwa Parks Tau
Ukwazisa
Ubezalwa Nkosiyakhe Amos Masondo
1953 (yobudala 70–71)
Louwsburg
Uhlobo South African
Iqembu African National Congress

Umlando

hlela

UMasondo wazalelwa eLouwsburg, wafundela eSoweto. Wabamba iqhaza kwimibhikisho yokulwisana nemfundo yesiBhunu ngonyaka ka-1972.[3]Waphinde waqala amaseli woMkhonto We Sizwe eSoweto, waphinde waboshelwa e-Robben Island kusukela ngonyaka ka-1975 kuya ku-1981 ngokuzi bandakanya emisebenzini yokulwisana nodlame.

Ngemuva kokuba adedelwe, waba yilunga le Soweto Civic Association, waphinde wabanjwa futhi ngaphansi kwama emergency regulations kusukela ngoNhlangulana ka-1985 kuya kuMbasa ka-1986, futhi ngo Ntulikazi ka-1986 kuya ku-1989.

Waphinde waqokwa njenge lunga le Gauteng Legislature, ngakhoke wabe eseqokwa njenge meya yedolobha elikhulu iGoli ngonyaka ka 2000.

UMasondo wabekwa ethubeni lokuwina indondo ye World Mayor ngonyaka ka 2008.


Imithombo

hlela
  1. "Archived copy" (PDF). Archived from the original (PDF) on 2016-03-03. Kulandwe ngomhlaka 2014-08-29. Unknown parameter |url-status= ignored (help)CS1 maint: Archived copy as title (link)
  2. "NCOP elects presiding officers". South African Government. May 23, 2019. Kulandwe ngomhlaka July 28, 2020.
  3. "City Majors: Amos Masondo - Mayor of Johannesburg". 2008-01-12. Kulandwe ngomhlaka 2014-08-29.