EDUMBE (PAULPIETERSBURG)

I-Dumbe (Paulpietersburg) yindawo etholakala phakathi kwedolobha laseFilidi (Vryheid) kanye nedolobha laseMkhondo (Piet Retief) KwaZulu-Natal, eNingizimu Afrika. Leli dolobha laba ingxenye yesifunda i- Transvaal Republic ngesikhathi sombuso wobandlululo ngo-1888. Umlando uveza ukuthi leligama elithi Paulpietersburg laqanjwa ngoMongameli wangaleso sikhathi UPaul Kruger kanye neqhawe likaVortrekker UPiet Joubert.

Leli ndawo ingamakhilomitha angu-72 eNingizimu nedolobha laseMkhondo namakhilomitha angu-151 eNyakatho-Mpumalanga nedolobha laseDundee. Le ndawo yabizwa ngaleligama lesiNgisi ngonyaka wezi-1888, yase imenyezelwa njengedolobha ngo-1910, futhi yathola isikhundla sikamasipala ngo-1958. Yaqanjwa ngoMongameli uPaul Kruger uJenene Piet Joubert, yaqale yabizwa ngokuthi iPaulpietersrust, kwase kuba yiPaulpietersdorp, nePaulpietersburg ngo-1896.