Eshowe yidolobha elidala elaqala ukuhlala abelungu baseYuropha KwaZulu Igama elithi Eshowe kuthiwa lathola leli gama ngenxa yomsindo wesivunguvungu somoya oshaya khona, olinganiselwa kwisivinini esingu 4 km² ehlathini lemvelo elaziwa ngokuthi yihlathi le-Dlinza Forest, leli hlathi, yiyonanto egqame kakhulu ngaleli dolobha. Ngisho noma igama le dolobha lisuselwa olwimini lwesiZulu kodwa yigama lamahlamvana e-Xysmalobium, ishowe noma ishongwe.

Isigcinamagugu iFort Nongqayi eShowe

Namuhla iShowe yindawo yemakethe, enerediyasi elingana amakhilomitha angu 100 wendawo eyisikhongozeli phecelezi, icatchment area, kukhona izikhungo zezitolo ezimbili, isiteshi samabhasi esikhulu maphakathi nedolobha, kanye nesibhedlela esikhulu, kanye nezikole ezimbalwa.

Umlando hlela

Ngonyaka ka1860 U-Cetshwayo, okwakuyinkosana yakwaZulu, wakha indawo yesizulu (kraal) lapha, kanti wabiza le ndawo ngokuthi kuseZiqwaqweni (indawo ehlala izigelekeqe). Kwasungulwa isiteshi se-mission Eshowe ngo 1861 ngemuva kokuba abelungu bethole imvume yeNkosi yamaZulu uCetshwayo, lesi siteshi se-mission sakhiwa ngabe- Norwegian missionary, ngaphansi koMfundisi u-Ommund Oftebro. Kamuva lesi siteshi sabizwa ngokuthi yi-KwaMondi Mission Station (indawo yeMondi) okuyigama lesiZulu, elanikezwa ku-Oftebro.

Uhlaselo lokuheqa Eshowe hlela

Ngesikhathi sempi yamaZulu  namaNgisi, eyaziwa ngelesilungu ngokuthi yi-Anglo-Zulu War ka 1879, UKheneli u-Charles Pearson wahola uphiki lwebutho lakhe lwagudla iShowe. Leli butho lamaNgisi, lahlangana nophiki lebutho lamaZulu emfuleni we- Nyezane River, kodwa ngemuva kokuba la maqembu etholane phezulu empini, ibutho lamaNgisi lahoxa lacasha esiteshini se-KwaMondi Mission eyaqiniswa ngamanye amasosha amaNgisi, sasesibizwa ngokuthi yi-Fort Ekowe.[1] Amabutho amaNgisi, ngaphansi kukaKheneli-Pearson babehlaselwe bacasha lapho amaviki angu 10 lapho abaze balekelelwa khona ngu-Lord Chelmsford ngemuva kweMpi yaseGingindlovu eyaziwa ngesiNgisi ngokuthi yi-Battle of Gingindlovu.

Ikomkhulu laKwaZulu hlela

Ngemuva kwempi IShowe yasungulwa njengokomkhulu laKwaZulu kanye nendawo yekhaya lokuhlala isikhulu saseBrithani eKwaZulu, u-Melmoth Osborne. Idolobha eliseduzane le-Melmoth lethiwa ngegama lakhe.

Ngonyaka ka1887 IShowe laba yikhomkhulu lakwaZulu kanti futhi lase libizwa ngelokishi (township) ngonyaka ka 1891.

Ngonyaka ka 1947 Umndeni wobuKhosi waseBrithani, ngaphansi kwenkosi yamaNgisi, u- (King George VI, Queen Elizabeth, Princess Elizabeth kanye-Princess Margaret) bavakashela nokwamukelwa eShowe, bemukelwa uNkosi u-King Cyprian. Umndeni wahambela ihlathi laseDlinza, kanye nokulala endaweni ye-'The Residency' Eshowe.

IShowe, ibiyi-Diocesan yabamnyama yokuqala yabaBhishobhi i-Black Diocesan Bishops eNingizimu Afrika, yamabandla e-Anglican kanye nesonto lamaRoma i-Roman Catholic Church. IShowe, iselokhu iyisizinda soMbhishobhi we-Anglican Diocese yaKwaZulu.

Izindawo zokugcinwa kwemvelo eziseduzane hlela

  • I-Greater St Lucia Wetland Park
  • I-Hluhluwe-Umfolozi Game Reserve
  • Itala Game Reserve
  • I-Lubombo Transfrontier Conservation Area

Imithombo hlela

  1. The Siege of Fort KwaMondi Archived 2018-06-06 at the Wayback Machine., Battlefields Route

Izihlanganisi ezingaphandle hlela