Faith Xolile Gasa (1945-04 kuNcwaba we-2005) wayelungu lePhalambde esifundazweni saKwaZulu-Natali emele iqembu leNkatha Freedom Party (IFP). UFaith Gasa waba negalelo elikhulu ekubunjweni kweNingizimu Afrika enoxolo, njengoba eyengusihlalo Wophiko Labesifazane ehlanganweni ye-IFP naye waba yilingu le-CODESA emele abesifazane. Waba negalelo kwimfundo yaseNingimu Afrika ngoba wangomunye ababeqeqesha futhi bethuthukisa uhlelo leMfundo yaseNingizimu Afrika ngesikhathi kuphela ubandlulo.

Faith Xolile Gasa
Ubezalwa ngoMasingane 1, 1945(1945-01-01)
Bloemfontein, eNingizimu Afrika
Ubefa ngoNcwaba 4, 2005(2005-08-04) (iminyaka ama-60)
Richards Bay, KwaZulu-Natali
Occupation anti-Ilungu lePhalamende, Ilungu leseiShayamthetho
Spouse Dr Enoch Gasa

Impilo ekuqaleni nemfundo hlela

UNkosikazi Gasa wazalelwa edolobheni laseBloefonteni elisesifundazweni saseFree State eNingizimu Afrika. Waphothula izifundo zakhe wathola i-diploma ezifundweni zobuhlengikazi ngonyaka we-1967. Emva kokuphothla izifundo zakhe wahlabana nomfundaze wokufunda izifundo ze-BA eNyuvesi yakwaZulu kusukela ngonyaka we-1968 kuya kowe-1972. Kule nyuvesi wabe eyofunda isizfundo zoMlando kanye Nesibhunu lapho kwathi ngawo unyaka we-1972 wakethwa ukuba angene esigungwini esimele abafundi (SRC'). Kuyo lenyuvesi ilapho ahlangana khona noEnoch Gasa owagcina esengumyeni wakhe. bobabili beno Enoch bazibandakanya embuthweni owazina ngokuthi yi-Black Concious Movement. [1][2]

Ngonyaka we-1973 wathuthela edolobheni lase-Vryheid eNyakatho yakwaZulu Natali lapho ayeyofundisa esikoleni samabanga aphakeme Ikhethelo High School. Ngenkathi esenguthisha waba yilungu lenyunyana yothisha ayabe yaziwa ngokuthi yi-Natal Teachers Union okulapho aba ngumongameli walenhlangano isikhundla ayezosibamba impilo yakhe yonke. Khona endaweni yaseVryheidi wazibandakanya kakhulu emsebenzini eyahlukahlukene yokusiza umphakathi. Ngaso lesi sikhathi eseseVryheid wajoyina iqembu lezombusazwe elabe lisanda kubunjwa ngaleso sikhathi okwabe kuyi-IFP [2][1][3].

Imisebenzi hlela

Wabe engumhloli wezikole esifundazweni sakwaZulu-Natali. Ekubeni ngumhloli wezikole waphinde abe nelezikhundla ezilandelayo [1][2][3]:

  • Wayengowesifazane okubuzwa kuye phecelezi consultant kwinhlangano yothisha i-African Teachers Association of South Africa, wayephinde abe owesifazane okubuzwa kuye ngezithinta abesifazane eNingizimu ne-Afrika.
  • Wayeyilungu le-World Confederation of the Teaching Prfession.
  • Wayeyilungu lomkandlu kuzwelelonke we-Women for South Africa.
  • WayenguMongameli waPhakade kwinhlangano yothisha i-Natal Teachers Union. Wayephinde abe ngomunye wabahlanganisi ababeqeqesha othisha ekuthuthukiseni uhlelo lokufunda emva kwesikhathi sobandlululo.
  • Wayengunobhala we-Mehlesizwe Education Trust.
  • Wayeyeyilungu le-Third Order of St Francis of Assisi.
  • Wayeyilungu lomkhandlu lesonto i-Mother's Union Church, eSifundabhishobhi sakwaZulu.
  • Wasungula uhlelo olabe lubizwa ngokuthi yi-Teenage Pregnacy and Child Abuse Concerned Committe eNyakatho yesiFubdazwe sakwaZulu-Natali.

Kwezombusazwe hlela

Kusukela ngonyaka we-1975 waba yilungu le-Inkatha Freedom Party. Ngonyaka we-1991 uFaith wathola iskhundla sokuba ngunobhala kulenhlnagana yezombusazwe. Kuwo lonyaka futhi waphinda wakhushsulelwa eskhundleni sokubanguSihlalo Wophiko Labesifazane enhlanganweni ye-IFP[1]. Lolu phiko labesifazane lalenhlanagano labe lisebenzisana nehlnagano i-African National Congress (ANC) ngesikhathi kunodlame olukhulu olwabe luphakathi kwalaqembu ezombusazwe[3]. Ngonyaka we-1994 emva kokhetho lukazwelonke wathola ithuba lokuba yilungu lephalamende laseNingizimu Afrika emele iqembu l-IFP. Wagcina eseyilungu lesishayametheto saKwaZulu-Natali [3][1][2]..

Ngonyaka we-2000 wajutshwa nguNdunaknulu wakwaZulu Natali ngaleso sikhathi uMphathiswa uLionel Mtshali ukuba abe ngungqonqoshe wezeMfundo namaSiko esifundazweni sakwaZulu Natali. Wajutshwa kulesi sikhundla ngoba ungqongqoshe wangaphambilini u-Eileen KaNkosi-Shandu okwabe kunezinsolo zokuthi uqasha abantu ngetiye emynagweni. UFaith wayesilungele lesi sikhundla ngoba wake waba nguthisha ngaphambilini futhi wabe eyilungu lenhlangano yothisha i-Natal Teachers Union shuthi wabe ezazi izingqinamba ezibhekene nothisha nokufundisa[3][1][2].

Izinselelelo ebungqongqosheni hlela

Lesi sikhundla sokuba ngungqonqoshe saba nzima kuyena, ngoba esanda kuqala wabe engasebenzeli ehhovisi enokusola ukuthi lithathakathiwe, nagaloku waba esola ungonqongqoshe owayengaphambi kwake ukwenzeni lomkhuba. Wayesola ukuthi ihhovisi lithakathiwe ngoba ngenkathi esekulesi sikhundla wabandakanyeka ezingozini ezimbili zemoto kodwa wanagalimala kakhulu, yikho lokhu okwanyusa izinsolo zokuthi kukhona isindla semfene. Waphinde wakhala ngokungalalelwa ngabasebenzi basehhovisi ngoba babe bethembeke kakhulu kuEileen KaNkosi Shandu yena befuna ukumdicilela phansi[4]. Kwathi ngonyaka we-2001 wakhetha ukusula esikhundleni sokuba ngungqongqoshe wezemfundo KwaZulu-Natali ngenxa yezinkinga abae ebhekene nazo kulesi sikhundla[5]. Ekusuleni kwakhe kulesi sikhundla waqhubeka waba yilungu leSishayamthetho saKwaZulu-Natali.

Ukudlula emhlabeni hlela

UFaith Gasa waxinwa ukugula isikathi eside esibhedlela esindaweni yaseRichards Bay. UFaith wadlula emhlabeni kusaphele izinyanga ezimbili nje vo emva kokushona komyeni wakhe. Washiya abantwana abahlanu. Umcgwabo wakhe wabanjelwa e-Imbizo Hall endaweni yaseMpangeni [6][7][8][9].

Imithombo hlela

  1. 1.0 1.1 1.2 1.3 1.4 1.5 staff writer (1 Masingana 1999). Omalley http://omalley.nelsonmandela.org/omalley/index.php/site/q/03lv02424/04lv02426/05lv02493.htm. Unknown parameter |access date= ignored (|access-date= suggested) (help); Check date values in: |date= (help); Missing or empty |title= (help)
  2. 2.0 2.1 2.2 2.3 2.4 Gastrow S. (1995). Who's Who in South African Politics Number 5. EGoli: Ravan Press.
  3. 3.0 3.1 3.2 3.3 3.4 Harber Anton & Ludman Barbara (1999). South African Politics 1999:The Essential Handbook. EGoli: Penguin Books.
  4. BBC Journalist (16 Mfumfu 2000). "'Bewitched' minister flees office". Unknown parameter |access date= ignored (|access-date= suggested) (help); Unknown parameter |Publihser= ignored (help); Check date values in: |date= (help)
  5. Dries Libenberg (12 Nhlangulana 2001). "'I diddn't quit and wasn't drunk', says Gasa". News24. Unknown parameter |access date= ignored (|access-date= suggested) (help); Check date values in: |date= (help)[dead link]
  6. Jenkins, Chris (12 Ncwaba 2005). "Service for party Stelwart Faith Gasa". Durban: Independent. Unknown parameter |access date= ignored (|access-date= suggested) (help); Check date values in: |date= (help)
  7. Indpendent Papers (10 August 2005). "IFP's Gasa to be buried on Saturday". Durban. Unknown parameter |access date= ignored (|access-date= suggested) (help)[dead link]
  8. Inkatha Freedom Party Public Relations (8 Ncwaba 2005). "Statement on the death of Mrs Faith Xolile Gasa". Unknown parameter |access date= ignored (|access-date= suggested) (help); Check date values in: |date= (help)
  9. Inkatha Freedom Party Public Relations (13 Ncwaba 2005). "The Funeral of Mrs Faith Xolile Gas, MPP Speech by Prince Mangosuthu Buthelezi, MP". Unknown parameter |access date= ignored (|access-date= suggested) (help); Check date values in: |date= (help)