IBarraba
Isizwe : I-Ostreliya
Isifunda : iNew South Wales
Umasipala : iTamworth Regional Council
lamisiwa : ngawo-1850
Ukuphakama ngaphezu kogu lolwandle : 500 m
Izixhumanisi : 32°22′24″S 130°36′38″E / 32.37333°S 130.61056°E / -32.37333; 130.61056
Inani labantu : 1.410 ngo-2016[1]

IBarraba (isiNgisi: Barraba) yidolobha laseNew South Wales e-Ostreliya. Idolobha laliyikomkhulu kamasipala iBarraba Shire. Lo masipala uhlanganiswe emasipaleni weTamworth Regional Council ngo-2004.

IBarraba isendaweni ebizwa ngeBundarra-Barraba Important Bird Area. Le ndawo ilondoloza indawo yokuhlala yezinyoni iRegent Honeyeater (Anthochaera phrygia).

IBarraba isesifundeni iNew England. IBarraba yisebombo iNandewar Range. Idoloboha elisemgaqweni wezokuvakasha iFossickers Way. Umfula iManilla River ugobhoza eceleni kwedolobha.

IBarraba ingamakhilomitha angama-477 enyakatho-ntshonalanga ukusuka eSydney nengamakilomitha angama-548 eningizimu-ntshonalanga ukusuka eBrisbane. IBarraba ingamakhilomitha angama-90 enyakatho ukusuka eTamworth. ITamworth yikomkhulu lomasipala weTamworth Regional Council.

iRegent Honeyeater (Anthochaera phrygia)

Umlando

hlela

AmaKamilaroi (isiNgisi: Kamilaroi noma Gamileraay) ayehlala esifundeni phambili kokuba kufike abelungu.[2] Umlungu wokuqala esifundeni wayenguAllan Cunningham. Wafika lapho ngonyaka we-1827. Wayengumhloli wamazwe nosozimila.[3] Ipulazi lokuqala esifundeni (iBarraba Station) lamisiwa ngonyaka we-1837 noma ngonyaka we-1838.[2][4] Isiza esisedolobheni sahloliwa ngonyaka we-1852.[5]

Ukutholwa kwagolide kwasiziwa ukukhula kwedolobha.[5] Iposi hhovisi lokuqala lavulwa ngonyaka we-1856[6] nesikole sokuqala savulwa ngonyaka we-1861.[2] Isonto laseSheshi lakhiwa ngonyaka we-1876[4] nebhange lokuqala lavulwa ngonyaka we-1876.[4] Ihhotela lokuqala (iCommercial Hotel) lakhiwa ngonyaka we-1878[4] nendlu yenkantolo yakhiwa ngonyaka we-1881.[4] IBarraba yamemezela idolobha ngonyaka we -1885.[4] IBarraba lamemezela idolobha ngonyaka we-1885.[4][5] Isibhedlela savulwa ngonyaka we-1891[4] nesonto laseWesleyan lakhiwa ngonyaka we-1898.[4]

Iphephandaba ledolobha (iBarraba Gazette) laqala ukushicilelwa ngonyaka we-1900.[4] Isonto lamaKhatholika lakhiwa ngonyaka we-1906.[4] Isipolo saphethelwa eBarraba ngonyaka we-1908.[7] Isitimela sokugcina esagcina ukuhamba eBarraba ngonyaka we-1983 nesipolo savalwa ngonyaka we-1987.[8] IConnors Creek Dam lakhiwa ngonyaka we-1933.[4] Leli damu lathuthukisa ukuhlinzeka ngamanzi idolobha edolobheni.


 
uAllan Cunningham

Imboni yezimayini

hlela

Ithusi

hlela

Ithusi latholwa eGulf Creek ngonyaka we-1889 nemayini yokuqala yamiswa ngonyaka we-1892. IGulf Creek yidolobhana elisendaweni engamakhilomitha angama-22 ukusuka eBarraba.[2] Iposihhovisi, ihhotela, nesikole kwakhiwa khona edolobheni. Le mayini yayiyimayini enkulu kunawo wonke ethusi eNew South Wales ngonyaka we-1901 leli dolobhana lalinabantu abangama-300.[9] Imayini yavalwa ngeminyaka yawo-1930. Iposihhovisi yavalwa ngonyaka we-1966. Iposihhovisi lavalwa ngonyaka we-1966.[6] Idolobhana lashiyiwa.

 
ithusi

I-asbestos

hlela

I-asbestos lanjiwa eWoodsreef kusukela ngo-1919 kuya ku-1983. I-asbestos lagujwa eWoodsreef kusukela ngo-1919 kuya ku-1983. IWoodsreef yidolobhana elingamakhilomitha angu-15 empumalanga ukusuka eBarraba. Imayini yandiswa/yanwetshwa ngonyaka we-1974. Imayini ikhiqiza amathani angu-500.000 e-asbestos elimhlophe.

Imayini ishiye amathani angu-75.000.000 amatshe namathani angu-25.000.000 e-asbestos elimhlophe. I-asbestos ivala amahektare angu-43 ne-asbestos ingaphezu kwamamitha angu-70 (70 m).[10]

Umbiko wethelevishini wacasisa ngo-2008 inkathazeko enkulu ukuthi i-asbestos iyingozi kubahlali.[11][10] I-Asbestos Diseases Foundation of Australia yafuna ukuthi imayini ifanele ibuyisiwe. IFoundation yafuna ukuthi abantu abangangeni emayini. Umgwaqo womphakathi wawela imayini kuze kube ngu-2013. Idolobhana lashiywa.

IHunter New England Health Service yenza isifundo ngokubaluleka ngezingozi zezimpilo zabahlali. Lesi sifundo sapheleliwe kodwa asikashicilelwa.[12]

Umhlaba wokudabuka

hlela

Imayini umhlaba wokudabuka yamiswa ngonyaka we-1982.

 
Umhlaba wokudabuka

Amatashe aligugu/ayigugu

hlela

Abantu bangathola amapyrite, ama-garnet, ama-jasper, igade nezeolite esifundeni. Iquartz elibomvu, iquartz elinsundu nequartz eliphuzi atholakala esifundeni. Abantu bangathola amathambo aguquke aba ngamatshe lapha.

Imboni yezolimo

hlela

Izinkomo nezimvu zifuywa esifundeni. Ukolo uvunwa esifundenii.

Iklayimethi

hlela

Ihlobo liyashisa futhi liswakeme. Ubusika buyabanda futhi bomile. Inzinga lokushisa eliphezulu labikwa lalingu-41,3°C. Izinga lokushisa eliphansi labikwa lalingu-9,4°C ngaphansi kwezinga-qhwa (-9.4°C).

Imvula yomnyaka ivama ingamamilimitha angu-688,7 (668.7 mm). Imvula ephakeme isuku ebikwa ingamamilimitha ngu-194,3 (194.3 mm). Leyo mvula iwa ngomhla ka-25 ku-Februwari ngo-1955.[13]

Ukuhlinzeka kwamanzi

hlela

Abantu badolobha bakhipha amanzi eManilla River, eBarraba Creek, neConnors Creek Dam phambili kokuba ISplit Rock Dam lakhiwa ngonyaka we-1988.[14] Ipayipi amanzi kusukela leli damu kuya eBarraba lakhiwa ngonyaka we-2015. Abantu badolobha bakhipha amanzi epitsi uma leyo mitombo inciphisiwe.[15]


 
iSplit Rock Dam

Izithomba

hlela

Imithombo

hlela
  1. "2016 Census QuickStats – Barraba (State Suburb)". Australian Bureau of Statistics. 6 July 2018. Archived from the original on 18 October 2019. Kulandwe ngomhlaka 18 August 2018.
  2. 2.0 2.1 2.2 2.3 "Barraba". Sydney Morning Herald Traveller. 13 November 2008. Kulandwe ngomhlaka 14 November 2011.
  3. "Barraba". Visit Tamworth. Tamworth Regional Council. Archived from the original on 15 October 2011. Kulandwe ngomhlaka 14 November 2011.
  4. 4.00 4.01 4.02 4.03 4.04 4.05 4.06 4.07 4.08 4.09 4.10 4.11 "Barraba Dateline". Barraba NSW – The Community Website. Archived from the original on 17a de Marto 2012. Kulandwe ngomhlaka 14a de Novembro 2011. Check date values in: |accessdate=, |archivedate= (help)
  5. 5.0 5.1 5.2 Boileau, Joanna (Februaro 2007). "Thematic History of Nundle, Manilla and Barraba". Tamworth Regional Council. pp. 124–125. Archived from the original on 2019-04-05. Kulandwe ngomhlaka 14a de Novembro 2011. Check date values in: |accessdate=, |date= (help)
  6. 6.0 6.1 "Post Office History". Post Office List – NSW. Premier Postal Auctions. Kulandwe ngomhlaka 14 November 2011.
  7. "THE BARRABA RAILWAY". The Sydney Morning Herald. National Library of Australia. 22 September 1908. p. 7. Kulandwe ngomhlaka 15 November 2011.
  8. Bozier, Rolfe. "Barraba Branch". NSWrail.net. Kulandwe ngomhlaka 15 November 2011.
  9. "MINING IN NEW SOUTH WALES". The Sydney Morning Herald. National Library of Australia. 29a de Julio 1901. p. 8. Kulandwe ngomhlaka 15a de Novembro 2011. Check date values in: |accessdate=, |date= (help)
  10. 10.0 10.1 Woodsreef Asbestos Mine Site Rehabilitation Private Members Statement, 29 August 2008. Archived 3a de Aprilo, 2011, at the Wayback Machine.
  11. Abandoned asbestos mine causes community outrage
  12. Woodsreef health report under wraps Archived 6a de Julio, 2011, at the Wayback Machine.
  13. "Basic Climatological Station Metadata – Barraba Post Office" (PDF). Bureau of Meteorology. Kulandwe ngomhlaka 16a de Novembro 2011. Check date values in: |accessdate= (help)
  14. Barraba Water Supply Archived 28a de Junio, 2011, at the Wayback Machine.
  15. Barraba's water supply critical

Izixhumanisi zangaphandle

hlela