'ilawu' igumbhi endlini elisetshenziselwa ukulala. Ilawu laseNtshonalanga lijwayele ukuquketha impahla yaselawini, okungaba isilili esidodwa noma ezimbhili, isigibe, itafula lombhede, isigqogqelo, okujwayele ukuquketha izihoshwa. izilili kungaba ezezingane, esilala oyedwa, kuyela kwizilili ezikhulu ezilala abantu abambalwa. Izilili kanye namalawu ukwakhiwa ngelendlela yokuthi zivalele ngaphandle izilwadlana, ikakhulukazi imiyane, kanye nokunciphisa umsindo noma ukulawula ukukhanya ukuze umuntu ezokwazi ukulala kahle aphinde athole nechi lakhe.

Ilawu eRussia
Ilawu ehhotela, eNingizimu Afrika
Ilawu eRussia
Ilawu ehhotela, eNingizimu Afrika


umlando

hlela
 
umdwebo weLawu eFulansi.
 
ILawu e-Arles, eladwetshwa nguVincent van Gogh ngoMfumfu onyakeni we-1888, kwiNqakathiso kaVan Gogh e-Amsterdam.

Ezindlini ezinkulu ngesikhathi sikaVictorian kwakuvamile ukuba iLawu libe nesivathelo somuntu wesifazane kanye nesowesilisa.[1] Emzini ephakeme, kubuye kutholakale amaLawu asesicongweni somuzi; Ngoba into ehlukanisa ingaphandle neLawu uphahla lwendlu, ayejwayele ukubanda ngezikhathi zasebusika, ashise ngesikhathi sasehlobo. Ukugqola kwemiqolo yophahla kwakuba into ewumbandeza, kwangangokuba izichaka zekhaya zazilala kuwo lamaLawu asesicongweni.

Ngeminyaka yekhulune, untu lwalulala kwizithivi ezazakhiwe ngotshani kanye nelala. Ngeminyaka yekhuluthupha izithivi ezazakhiwe ngamaqubu/ izimpaphe zaqala zaduma kakhulu, ikakhulukazi kulabo ababeyishola. untu lwaluphila kahle uma lwalukwazi ukuthenga isilili emva kweminyaka eyisi-7 ishadile.[2] Ngeminyaka yekhulusibhozo kwaqala kwanda umgwiligwili kanye noboyana. Isilili sokuqala sosikizela asakhiwanga kuze kube unyaka we-1871. Isilili esidume kakhulu futhi esithengwa kakhulu ileso sesilikizeli, yize manje sekunezinhlobo eziningi ezifaka phakathi esesithofo, esomunde, umgwiligwili, kanye nomtshavu. Izinhlobo zobuthofothofo bazo isukela kuleyo entofontofo kuyela kuleyo ethanda ukuqina. ILawu lingaba nesilili esiyihhobhu uma lilala abantu ababili noma abambalwa. Kwakujwayelekile ukuthola isikigi esihlala ngaphansi kwesilili mande kufike isiwedandle sesimanje kanye namabhoshi asendlini.

Kwelikamthaniya

ILawu lalijwayele ukuthi libe igumbhi elalizimele. [3]Iphansi lalo lalisindwa, libe neziko lapho okwakubaselwa khona umlilo. Impahla yasendlini kwakuba izicansi ezazindlalwa lapho sekulalwa, emini zigoqwe zilengele ezindongweni, [3]Umbhuma owawuhlala izimpahla zokuvunula, isiqamelo esasibaziwe kanye nezimbhiza zamanzi.

Ukunomfwa

hlela
 
ILawu eNew York City
 
ILawu ebusuku ePuigcerdà (Cerdanya, Girona, Spain)
 
Umdwebo weLawu eWinter Palace eSaint Petersburg (eLashiya)

Impahla yaselawini yehluke kakhulu, ibuye iye ngokuthi umuntu uthandani, imikhuba yendawo, kanye nesimo sokushola somuntu ngamunye. Isibonelo, ilawu lenhloko lngaba nesiLili esimngako othile, isigqogqelo esisodwa noma ezimbhili (noma isigibe); inqika; kanye nokhaphethe. Izigibe eziligumbhi azijwayelekile eYurophu uma uqhathanisa naseMelika; ngakho-ke, kuvamile ukuthi kutholakale izigibe ezizimele eYurophu.


ILawu lomuntu likhombha buyena, indima yakhe emphakathini, kanye nolwahluko lwakhe. Zikhona izimpahla ezifanayo emaLawini. Isivithi sijwayele ukuba nomqolo esihlala phezu kwawo, uphinde futhi uhlobise isilili.

izinqika nazo zidume kakhulu. Zisetshenziselwa ukubeka izinto ezifana nezithuba ezinezinkenene kanye nesibani. Mande kufike izinonelo, amalawu ayejwayele ukuba nezihlambhelo zokugeza ubuso kanye nezandla. Ngonyaka wezi-2010, ukuba noMabonakude elawini bese kuyinto ejwayelekile. Ama-43% ezingane zaseMelika ezineminyaka esukela kwemi-3 kuyela kwe-4 zinoMabonakude emalawini azo. Amanye amalawu aneziCikizi, izifekethisi, kanye netafula lokusebenzela. Ngekhuluminyaka lama-20 kuyela ekuqaleni kwekhuluminyaka lama-21, amalawu aphenduka amagumbhi lapho abantu behlala khona isikhathi eside khona uma kuqhathaniswa nakuqala.


Izindlalo ezisetshenziswa enyakatho neYurophu(ikakhulukazi koScandinavia) zihluke kakhulu kunalezo zaseMelika kanye nakwezinye izingxenye zeYurophu. ENiphono (Japan) amafuthoni iyo adume kakhulu.


Ngaphezu kwesilili (uma ilawu lilala izingane ezimbhili kuyela kwezimbalwa, lingaba nomhhobhu), ilawu lomntwana lingaba nengetshana, ibhokisi lamathoyizi, isifekethisi, noma ikhabethe lezincwadi kanye nokunye.

 
Izilili ezimibili elawini elilodwa

aMalawu esimanje.

hlela
 
Ilawu lesimanje e-Ostreliya, ngokwaseNtshonalanga.
 
Ilawu eliseHhotela eVenice.

Izindlu eziningi eMelika zijwayele ukuba namalawu amabili-ilaw elikhulu kanye nelinye nelizngane, mhlawumbhe nelinye lezivakashi.

Kwezinye izindawo kunezici eziyisisekelo ilawu ekumele libe nazo(njengesigibe kanye "nendlela yokuphuma") ukuze lisebenze njengelawu ngokomthetho. Kwizifundazwe eziningi ezifana ne-Alaska, amalawu akudingeki ukuthi abe nezigibe, kunalokho kumele abe nomngako thizen ukuze usebenze njengelawu.

Ikhabethe into esibeka kuyo izinto. Elawini, ikhabethe lohlobo lwengibe lisetshenziselwa ukubeka izimpahla zokugqoka kanye nezinye izinto ongahle uzidinge. Izingibe ezingamagumbhi sezidumile kulezi izinsuku kanti futhi ziyahluka ngokomngako wazo. Ngaphambhilini izingibe yizo ezazigqama kakhulu. Ingibe ikhabethe esifaka kulo izingubo zokugqoka ezigoqiwe noma ezichonyiwe. Izingubo ziyafakwa futhi nakwishalofu.Ngokujwayelekile, izingubo ezinhle zihlala kwingibe lapho ziphanyekwa khona ngesiphanyeka, kuthi ezokuhlala ekhaya zona zihlale emashalofini.

Ezakhiweni ezinezindlu eziningi ezizimele (isib, amafulethi), inani lamalawu lihluka kakhulu. Nakuba indlwana ngayinye inamalawu asukela kwelilodwa - ngokuvamile, lezi izindlwana ziba namalawu amabili - ezinye zalezi izindlwana zingangaba nesinonelo.

Kwesinye isikhathi, ilawu elikhulu lixhumana nesinanelo salo.

Amasiko

hlela

Amalwu ajwayele ukuba nesicabha ukucha lelogumbhi (kwezinye izikhathi, ziyahluthulelwa) kanye nenkweza yokungenisa umoya. Emalawini amakhulu, impahla yelawu ingafaka phakathi itafula elincane kanye nesihlalo kanye neshalofu lezingubo. Emazweni aseNtshonalanga amanye amalawu amakhulu engaquketha isinonelo. Lapho isikhala sisikhulu, amalawu engaquketha oMabonakude, ingibasicaba kanye neziCiki ezininiwe.

eMhlabeni jikelele

hlela

eJapan

hlela

EJapane, umqondo wokuba nelawu awubalulekile kakhulu njengaseNtshonalanga, ikakhulukazi ekubeni nechi lakho wedwa. Empeleni ukuba nomuzi obumbhene kuhambhiselana nokuba nomndeni obumbhene, into ebaluleke kangangokuba izindawo kazininwa, ngisho nalezo ezimayelana nobudlelwane. Yonke into ibukwa ngelobumbhano. Okwenza kubelula ukuthi izindawo zisetshenziselwe izinto eziningi. Njalo kusihlwa, umuntu undlala ifuthoni lakhe phezu kwamata lisondelane nelomunye. Kuthi kungasa, bawendlule, bawagoqe. Ubumbhano lomndeni luqikelelwa ngokusetshenziswa kwezingodlulo zezindonga ezakhiwe ngephepa kanye nezibandezeli.


Ngokwempahla, ilawu laseJapana alinasicabha, alinasilili, futhi alinazindonga uma liqhathaniswa nelaseNtshonalanga. Lokhu kwena ungaboni ukuthi uselawini.

Leli gumbi livame ukubekwa ngemuva kwendlu, eduze nomsamu futhi emalungana nengaphambhili lendlu, insimu yezimbhali kanye nengaphandle.

Ingxenye yesibili yekhuluminyaka lama-20 yabona ushintsho olukhulu kwizindlela zokulala. Into eyayingajwayelekile mande impi yesi-2 yomhlaba, ilawu laseNtshonalanga laqala laba ilawu lekhethelo emzini emisha kangangokuba kunobudlelwao phakathi kwenkathi yokwakhiwa kanye nenani lamalawu aseNtshonalanga. Yize isiga sona singakaguqukeli ngokushesha kwesaseNtshonalanga.

Kwiziqongo ezinabantu abaningi, kuye kube khona amahhotela abizwa ngezishuqela. Lawa amalawu amancane ngalendlela yokuthi ukwazi ukungena ulale kuphela. LamaHhotela aseyinto esiqala ukusabalala emazweni amaningi afana neSingapore kanye neTaiwan.

Bheka futhi

hlela
  • Iqhugwana (eMkhunjini)
  • ILawu LeNkosi
  • Ukududuza
  • Igumbi Lokuhlanza izimpahla
  • ILawu lomntwana

Template:Room

  1. Yorke, Trevor (2005) The Victorian House Explained. Newbury: Countryside Books ISBN 9781846748233; p. 105
  2. Beds in Medieval and Tudor Times. Old and Interesting. Retrieved 10 November 2011.
  3. 3.0 3.1 The Zulu people as they were before the white men came