IMpilimpili, elibuye laziwe ngokuth' uMadevobovu liwuhlobo lwenyoka engaphansi komndeni obizwa ngokuthi iColubridae. Lez' izinhlobo zitholakala e-eningizimu yezwekazi I-Afrikha, kwiSahara.

IMpilimpili noma Umadevabovu.

Incazelo hlela

IMpilimpili libonakala ngomzimba walo omhlwathi noma ompunge, uphinde ube namacashacasha amuhlophe amancane ngobubanzi bawo. Linekhand' elixube imibala emunyama, obovu, kanye noncombho. Likwaz' ukukhula lize lifinyelele kumasentimitha angama-70 ubude ngokujwayelekile, kodwa lingawadlula ize iyoyibamba kwi mitha elilodwa ubude.

Ukudla hlela

IMpilimpili lidla amaSele, iziGcilikishi, kanye nezinye izinyoka (Yize lokhu kuyinte evamise ukubonakala lapho linqokotshwe khona).

Amasuku ewaphilayo hlela

IMpilimpili likwazi ukuphila iminyaka emaphakath kwayi-10 ubudala kanye neyi-15.

Ukuzala hlela

Izinsikazi ezindala zeziMpilimpili zibeka cishe amaqanda abalelwe kwayisi-6 kuyofinyelela kwayi-19 ehlobo.

Ukhelo hlela

IMpilimpili lingelokudabuka ezansi kwezwekazi i-Afrikha, liyatholakala eZambia, uMzansi wonkana(Ngaphandle kwasesifundazweni sasenhla nentshonalanga) kanye naseLesotho, eSwatini, eZimbabwe, eNigeria, eningizimu kanye nemaphakathi eMozambique, kanye nasenyakatho yeBotswana.

uKhelo hlela

IMpilimpili liyinyoka ethanda izindawo eziyisihlambho, iPhondo, oHlongweni, kanye nezindawo ezitshamithi.

Izikhombo hlela

  1. Wagner, P., Penner, J., Rödel, M.-O., Luiselli, L., Branch, W.R., Chirio, L., Howell, K. & Malonza, P.K. 2021. Crotaphopeltis hotamboeia. The IUCN Red List of Threatened Species 2021: e.T13264994A13265005. Downloaded on 05 September 2021.
  2. "Crotaphopeltis hotamboeia ". The Reptile Database. www.reptile-database.org.
  3. "Crotaphopeltis hotamboeia ". Biodiversity Explorer, the Web of Life in Southern Africa. http://www.biodiversityexplorer.org/reptiles/squamata/serpentes/colubridae/crotaphopeltis_hotamboeia.htm Archived 2017-04-21 at the Wayback Machine

Ukufunda okwengeziwe hlela

  • UBoulenger GA (1896). Ikhathalogi yezinyoka eBritish Museum (Umlando Wemvelo). Umqulu III. , equkethe i-Colubridæ (Opisthoglyphæ ne-Proteroglyphæ)... London: Abaphathi beBritish Museum (Natural History). (Taylor noFrancis, abanyathelisi). xiv + 727 pp. + Amapuleti I-XXV. (Leptodira hotambœia, amakhasi 89-91). (I-leptodira hotambœia, amakhasi 89-91). 
  • [Umthombo Wesithombe ekhasini 9] I-Field Guide to Snakes and other Reptiles of Southern Africa. Uhlelo lwesithathu olubukeziwe, Uhlelo lwesibili. ISanibel Island, eFlorida: Ralph Curtis Books. 399 pp. .   (I-Crotaphopeltis hotamboeia, p. 97 + Plate 33). 
  • ULaurenti JN (1768). I-specimen medicum, ibonisa i-synopsin reptilium emendatam cum cum experimentis circa venena ne-antidota reptilium austriacorum. Vienna: "Joan. Thom. Nob. de Trattern". 214 pp. + Amapuleti I-V. (I-Coronella hotamboeia, izinhlobo ezintsha, k. 85).   (ngesiLatini).