INgqukuhlu

imininingo esatshalaliswayo yokuthengiselana kwezezibhangqiwe

INgqukuhlu yisiqophaminano (ledger) esisatshaliswayo esinohlu olukhulayo lweziqoshwa (izingquku) ezikhongcwe ndawonye ngokuphephile ngezinducu zomchazanyandla. INgquku ngayinye iqukethe izinducu zomchazanyandla zengquku yangaohambili, eyisigxivizankathi, kanye nemininingo yokuthengiselana. Isigxivankathi (timestamp) sifakaza ukuthi imininingo yokuthengiselana ibe khona lapho Ingquku yakhiwa. Njengoba Ingquku ngayinye iqukethe ukwaziswa mayelana nengquku eyandulele, lokhu kwenza zakhe umhumo (chain) (qhathanisa nohlaka lohlu lwemininingo) noma uhlu lwezingquku ezikhongcene ngokulandelanayo. Ngokomphumela, ukuthengiselana ngengqukuhlu akunakugushwa (irreversible), ngoba lapho kuqoshwa, imininingo ekunoma iyiphi ingquku ayisoze iguqulwe kamuva ngaphandle kokuthi ingaguqulwa yonke eminye engaphanbili nelandelayo.

Isakhiwo seNgqukuhlu ye- Bitcoin [ enye incazelo iyadingeka ]