INguxa elula
INguxa elula iyisilekeleli esiguqula ukuqombotha noma amandla esiphoqi. Ngokwenjwayelo, ingachasiswa ngokuthi inguxa elula esebenzisa umenzelelo wobunguxa ukuze yandise amandla. Ngokuvamile, leli bizo libhekisela ezinguxeni ezilula zakudala eziyisithupha ezachasiswa osonjulalwazi bemvuselelo kanje:
isiXakaxo
iSondo nomshiza
uMdonso
uGxalo
iZembe
Inguxa elula isebenzisa isiphoqi esingasebenza ukuze yenze umsebenzi ngokomelene nesiphoqi esiwumgidlabezo owodwa. Ngokuthalazisa umshikisho, umsebenzi owenziwa emgidlabezweni ulingana nomsebenzi owenziwa isiphoqi esingasebenza. Inguxa ingakhulisa inani lesiphoqi somphumela, ngesilinganiso esifanayo enciphisa ngalo ibanga lokidika komgidlabezo. Isiqhatho somphumela esiphoqini sokusebenza sibizwa ngokuthi umenzelelo wobunguxa.
Izinguxa ezilula zingathathwa "njengezinguklu zokwakha" eziyisisekelo okwakhiwe ngazo izinguxa eziyinkimbinkimbi (izinguxa eziyimixube). Ngokwesibonelo, amasondo, isixakaxo nemidonso ziyasetshenziswa zonke ekusebenzeni kwendingimbili (bicycle). Umenzelelo wobunguxa wenguxa engumxube ungumkhiqizo wezenzelelo zobunguxa wezinguxa ezilula eyakhiwe ngayo.
Nakuba ziqhubeka nokuba mqoka kwezobunguxa nakunzululwazi esebenzayo, ezobunguxa zanamuhla sezigabavile embonweni wokuthi izinguxa ezilula ziyizinguklu zokwakha eziwumgabelo okwakhiwe ngazo ezinye izinguxa, okuwumbono owaphakama eNguqukweni yezemboni. Ubunkimbinkimbi bokungafani okukhulu kwamakhongco ezinguxa zanamuhla, okwavela ekuGuqukeni kwezimboni, buchaziswa ngokunganele yileminxa elula eyisithupha. Abalobi abahlukene bangemva kwemvuselelo bahlanganise uhlu olubanzi "lwezinguxa ezilula", imvama ngokusebenzisa amabizo afana nokuthi izinguxa eziyisiseko, izinguxa eziyimixube, noma izici zezinguxa ukuze bazihlukanise ezinguxeni zakudala ezingehla. Ekupheleni kweminyaka ye-1800, uFranz Reuleaux wayesehlonze amakhulu ezici zezinguxa, ezibiza ngokuthi izinguxa ezilula. Umbono wenguxa wanamuhla uhlaziya izinguxa ngemihumo yezomdikizo eyakhiwa amakhongco ayisiseko abizwa amaphahla ezomdikizo.