INyandezulu, inyoka encane ngomzimbha, iluhlaza, ebese iba namabala amnyama cishe umzimbha wonke. Ayina buthi okusho ukuthi ayisiyo neze ingozi. Itholakala ezwenikazi I-Afrika.

INyandezulu

Ukhelo hlela

INyandezulu itholakala kusukela ezweni laseSudan, e-uGanda, eGuinea uye njalo empumalanga yezwekazi iyofinyelela naseTanzania kanye nase Nigeria.

Incazelo hlela

Umbala uluhlaza okotshani, ebese iba namabala amnyama cishe umzimbha wonke. Ubude bayo bulinganiselwa kuma sentimitha angama-60 kuya kwangama-90.

Umchazampilo hlela

INyandezulu iyinyoka ejwayele ukutholakala ezihlahleni kanye nasemahlathini lapho zizingela khona izigcibilikishi(izigaqambha) kanye namasele asezihlahleni. Zingompetha ekunompeleni kanti futhi ziyakwazi nokubhukuda, zibona kahle, kanti futhi zihlale ziqaphile lapho zikhona. Azisibo neze ogwevanendawo kanti zingahambha amabanga amade lapho ziyokweluka. Ziyizinyoka ezingesiyo ingozi (azinabuthi) kanti futhi zijwayele ukubonakala emakhaya.


INyandezulu inyoka edida imibala, ehlala egoyile, kanti zibaleka kuqala lapho zisebungozini. Akuvamisile ukuthi ibonakale emadolobheni.

Enqokobeni hlela

Kungaba nzima kakhulu ukuzigcina njengezinqoboka, ziyagoya kanti futhi azidli noma yini, kuphela nje izigcibilikishi kanye namasele asezihlahleni, kodwa bayazinqoboka baphinde baziizalanise kahle nje.

Ukuzalana hlela

Izinsikazi zingabeka amaqanda abalelwa kwama-3 kuya kwayi-12 amajana njalo ehlobo, kuthi ichwane lona lilinganiselwe kuma sentimitha angama-25 ubude (kusukela kutshubungu kuyofinyelela emsileni).

Amaphatho hlela

  • Branch, Bill. 1988. Field Guide to the Snakes and other Reptiles of Southern Africa.


Ukufunda okwengeziwe hlela

  • UBranch, uBill. 2004. I-Field Guide to Snakes and Other Reptiles of Southern Africa. Sanibel Island, eFlorida: Ralph Curtis Books. 399 pp. .   (I-Philothamnus semivariegatus, pp. 93-94 + Plates 30, 99). 
  • USmith, u-Andrew 1840. Illustrations of the Zoology of South Africa ... London: Lords Commissioners of Her Majesty's Treasury. (Smith, Elder and Co., printers). (I-Dendrophis semivariegata, Plate LIX, LX, LXIV, Figure 1).