INzawu

isilo esikhulu sezinganekwane esisanyoka

INzawu iyisidalwa esihuquzelayo sasezinganekwaneni esivela emlandweni wamasiko amaningi emhlabeni jikelele. Izinkolelo ngokuphathelene nezinzawu zihluke kakhulu ngokwezifunda, kodwa izinzawu emasikweni asentshona kusukela eminyakeni ephakathi zazivame ukuvezwa zinamaphiko, zinezimpondo, ezinyawo ezine, futhi zikwazi nokuphefumula umlilo. Izinzawu emasikweni asempuma zivame ukuvezwa zingenamaphiko, zinezinyawo ezine, ziyizidalwa ezisanyoka nezinobuhlakani obuphakeme. Ukufana phakathi kwezici zezinzawu kuvame ukuba umdidiyelo wolwangu lwempaka, inyoni, nesibandazi. Ongoti bakholwa ukuthi izingwenya ezinkulu ezingasekho noma ezifudukayo zinenswebu efana nazo, ngokukhethekile lapho kuhlanganwa nazo emaxhaphozini, futhi kungenzeka ziwunongo lwemifanekiso yezinzawu kwelasempuma yanamuhla.

Umfanekiso weNzawu enamaphiko, ephafuza umlilo odwetshwe ngu- Friedrich Justin Bertuch ngo-1806
IziNzawu zaseShayina zenkathi ka- Qing ezigwedwe e -Nine-Dragon Wall, Beihai Park, Beijing
Iminsalo emise okweNzawu emikhunjini e- Ystad, e-Sweden efana nemikhumbi emide yamaViking

uMsuka hlela

Elithi iNzawu ibizo elisho isilo sasemanzini sezinganekwane, esiyinyoka esaziwa nangokuthi 'uNanabosele'. Elithi iNzawu livela kusenzukuthi "zawu" , okuvela isenzo esithi "ukuzawula" kuso. Ngakho inzawu ibizo lento ezawulayo, kungaba ngamazinyo wayo. Isilo iNzawu kwakukholelwa ukuthi sinamazinyo acijile, azawula kwasani, amakhulu. Kodwa sasivame ukuba nekhanda elilodwa. Kuthiwa uma amakhanda eqa kwamabili, akuseyona inzawu kuphela, kodwa sekuyinkanyamba.