INzululwazi yoKwaziswa

umkhakha wakwangqondonkulu onake ukuqoqwa, nokuhlaziywa kokwaziswa

INzululwazi yokwaziswa umkhakha wezemfundo ephakeme onake ngokuyinhloko ukuhlaziywa, ukuqoqwa, ukujinjwa, ukulunjwa, ukugcinwa, ukuhoshwa, ukunyukuza, ukusetshalaliswa, nokuvikelwa kokwaziswa. Abakulomkhakha nabangaphandle kwawo bafunda ngokusebenza nokusetshenziswa kolwazi ezinhlanganweni okwenezela ekunananeni okuphakathi kwabantu, kanye nanoma yiziphi izimiso zokwaziswa ngenjongo yokudala , ukwenana, ukuthuthukisa noma ukuqonda izimiso zokwaziswa.

Visualisation of various methodological approaches to gaining insights from meta data areas. Including: infometrics, bibliometrics, cybermetrics, scientometrics, webometrics, altmetrics, and placed within Quantative Science Studies
Umbukiswano wezindlelasu ezehlukene zokuzuza imininingwane ezindaweni zesizindamniningo.

Ngokomlando, inzululwazi yokwaziswa iyamaniswa nenzululwazi yesicikizi, iNzululwazi yeMininingo, umchazangqondo, Ubuchwepheshe, inzululwazi yomtapolwazi, ezeMpilonhle, nezinhlangano zezinkasa. Kodwa, inzululwazi yokwaziswa ibuye ihlanganise nezici zeminye imikhakha ehlukene efana nenzululwazi yokuqogelela, inzululwazi yomqondo, ezohwebo, ezomthetho, ezolimi, umchazazibalo, ezokuphatha, injulalwazi, ezenqubomgomo yezwe, nezinzululwazi zomphakathi.