Impindampindwano

Kumchazazibalo, impindampindwano noma umcekefuza isigaba sochazosimo luka-Euclid olunobukhulu bempindampindwano ebudlula ngokuqinile ubukhulu bayo bobumumo. Izimpindampindwano zivela zifana, zifuzene noma zinkulu kangaki, njengoba kuboniswe ngenhla ekukhuliseni okulandelanayo kochungechunge lukaMandelbrot . Izimpindampindwano zivame ukubonisa ukuphindaphinda komumo okufanayo ziqhubeka ukuncipha, okuyisici esibizwa ngokuthi ukuzifanisa, eyaziwa nangokuthi ukulingana okukhulayo noma ukulingana okusumbulukayo; uma lokhu kuphindaphinda kufana ncamashi kulo lonke izinga lobukhulu, njengasebokobokweni likaMenger, kubizwa ngokuthi ukuziphindaphindisa. Umchazabukhulu wezimpindampindwano ubalwa ngaphakathi kwegatsha lomchazazibalo lezinjulalwazi zokubala nokulinganisa.

Uchungechunge lukaMandelbrot, okumkhawulo walo uyimpindampindwano enomumo wesici wesinye (1), ne-Hausdorff dimension yesibili (2).
Ukungena emkhawulweni wochungechunge lukaMandelbrot
Impindampindwano ekhula ngendlela efuza okwezihlahla
Isihlahla sempindampindwano esiqhekeka izikhathi eziyishumi nanye