Incaziso

umbhalo wokucacisa; enye yezindlela ezine zobugwilikinci

Incaziso indlela yokuthuthukisa ukusimuza ngenhloso yokukhanyisa indawo, into, umlingiswa, noma iqembu. Incaziso ingenye yezindlela zobugwilikinci (rhetorical modes) ezine (ezaziwa nangokuthi izindlela zokukhukuma), kanye nomqangqo (exposition), nempikiso, nokusimuza (narration). Kuzoba nzima ukubhala izincwadi ezihosha indlela eyodwa kulezi ezine.

Incaziso ekubhaleni inganeko hlela

Ukubhaleni inganeko nakho kunezindlela zakho ezilandelwayo: ukwenzekayo, umnqangqo, incaziso, inkulumo-ngxoxo, isifinyezo, nokuguquka. Umlobi uPeter Selgin ubyekisela kulezindlela ezihlanganisa okwenzekayo, inkulumo-ngxoxo, imidlinzo, isifinyezo, izigcawu, nencaziso. Kuyimanje, akukho ukuvumelana phakathi komphakathi wababhala mayelana nenani kanye nokwakheka kwezindlela zokubhala izinganeko nokusebenza kwazo.

Incaziso indlela yokubhala inganeko nokufufukisa isithombe somqondo sezinto ezithili zendaba. Yona kanye nenkulumo-ngxoxo, ukusimuza, umqangqo, nesifenyezo, incaziso ingenye yezindlela ezaziwa kabanzi zokubhala inganeko. Njengoba kubaluliwe encwadini ehlelwe ngu-Kirk Polking ebizwa "Ukubhala kusuka ku-A kuya ku-Z (Writing from A to Z), incaziso ingaphezu kokunqwabelanisa imininingwane; iwukwenza into ethile ikhanye, iphile ngokukhetha nokuhlela ngokucophelela amazwi nemisho ukuze wakhe umthelela owufunayo. Ubunyoninco obufanele nobusebenza kakhulu ekwethuleni incaziso kusayinto esadingidwa phakathi kwababhali nabaqeqeshi bokubhala.