Indlozabukhoma
Indlozabukhoma (noma ukudlozabukhoma noma ukudloza) iwukwaluswa kokucondoza, ukwalusa kobuqhebeqhebe obuningi, noma ukwaluswa kokwaziswa ngenjongo yokuqoqa ukwaziswa, ukuthonya, noma ukuqondisa. Lokhu kuhlanganisa ukuqapha buqamama ngokusebenzisa izinguxa zamazuba ezifana umabonakude wentandelo (closed-circuit television (CCTV)), noma iseqelo (interception) sokwaziswa okufufukiswa ngamazuba njengesinyokotho soxhakaxholo. Kungahlanganisa izindlelasu sobunyoninco, ezifana nokuqoqwa kobuhlakani babantu nokweqela ezokuposa.
Indlozabukhoma isetshenziswa izakhamuzi ukuze zivekele amanxuluma azo. Futhi isetshenziswa ngohulumeni ukuze baqoqe ulwazi - kuhlanganisa nobuncondi, ukuvimbela ubugebengu, ukuvikelwa kwenqubo, umuntu, ixongo noma okuthile, noma ukuphenya ubugebengu. Iyasetshenziswa nayizinhkangano zobusela ukuze zicebe ukwenza ubugebengu, futhi nezihwebi ziyayisebenzisa ukuze zibuthe ukwaziswa ngezigebengu, abancintisana nazo, abahlinzeki noma abathengi. Izinhlangano zenkolo ezijutshwe ukuhlonga ukuqembuka nazo ziyakugununda ukudlozabukhoma.
Umthelela wendlozabukhoma ukuthi iyakwazi ukukhinyabeza nengasese labantu ngokungafanele futhi iyagxekwa isishoshovu eziningi. Amazwe wombusowabantu wobukhululeki afuna ukunciphisa indlela uhulumeni nabazimele asebenzise ngayo indlozabukhoma, kuyilapho ohulumeni bendlovukayiphikiswa bayisebenzisa ngokukhululekile ngaphandle kokuvinjwa.
Ubuncondi ngokwencasiselo buyisenzo esingekho emthethweni nesicashile, kuyilapho iningi izinhlobo eziningi zendlozabukhoma zenziwa obala futhi zisemtyethweni.
Izindlela zokudloza
hlelaNgesiCikizi
hlelaIningi lezenzo zokudlozabukhoma ngesicikizi zibandakanya ukwalusa imininingo nokuhlaziya isinyokotho sakuxhakaxholo.[1]
Ngezithwebuli
hlelaIzithwebuli zendlozabukhoma, noma izithwebuli zezokuphepha, ziyizithwebula mbukiso ezisetshenziselwa injongo yokuqapha indawo ethile. Zivame ukuxhunywa nesilekeleli esiqophayo, futhi zibukwa omantshingelani noma onongqayi.
Ngokuhlaziya izinkundla zokuxhumana
hlelaEnye indlela yokudloza bukhoma ingukwakha amabalazwe sezinkundla zokuxhumana asekelwe emininingweni evela ezinkundleni zokuxhumana ezifana noFacebook, MySpace, noTwitter kanye nokwaziswa kwesihlaziyo sesinyokotho sokushaywa kocingo esifana naleso esitholakala kwisisindamininingo sakwaNSA,[2] kanye nezinye. Khona emva kwalokho, la mabalazwe ezinkundla zokuxhumana avukuzwa imininingo ukuze kumonculwe ukwaziswa okubalulekile okufana nezithakazelo somuntu, ubuhlobo anabo, izimfuno, izinkolelo, imicabango nobuqhebeqhebe.[3][4][5]
Imithombo
hlela- ↑ Diffie, Whitfield; Susan Landau (August 2008). "Internet Eavesdropping: A Brave New World of Wiretapping". Scientific American. Kulandwe ngomhlaka March 13, 2009.
- ↑ Keefe, Patrick (March 12, 2006). "Can Network Theory Thwart Terrorists?". The New York Times.
- ↑ Albrechtslund, Anders (March 3, 2008). "Online Social Networking as Participatory Surveillance". First Monday 13 (3). doi:10.5210/fm.v13i3.2142.
- ↑ Fuchs, Christian (2009). Social Networking Sites and the Surveillance Society. A Critical Case Study of the Usage of studiVZ, Facebook, and MySpace by Students in Salzburg in the Context of Electronic Surveillance (PDF). Salzburg and Vienna: Forschungsgruppe Unified Theory of Information. ISBN 978-3-200-01428-2. Archived from the original (PDF) on 2022-10-09. Kulandwe ngomhlaka July 28, 2012. Unknown parameter
|url-status=
ignored (help) - ↑ Ethier, Jason. "Current Research in Social Network Theory". Northeastern University College of Computer and Information Science. Archived from the original on November 16, 2004. Kulandwe ngomhlaka March 15, 2009. Unknown parameter
|url-status=
ignored (help)