Indwalazo
Indwalazo ingubungcweti obufefenyekwayo obusebenzisa isithungathi-mumo kanye nomboniso oseduze neso weqhwibintathu ukunikeza umsebenzisi umuzwa wokucwila endwalifeni. Amahlelokusebenza wendwalazo ehlanganisa awokuzijabulusa, awezemfundo ( njengowokuqeqeshwa kwezokwelapha nakwezempi) kanye nawezokuhweba (afana nawemihlangano yendwalazo). Ezinye izinhlobo ezikhethekile zobuchwepheshe benkobo yendwalazo zihlanganisa ingempela elenezelwe, nengempela elididiyelwe, ezibizwa ngokuthi ingempela elijijiwe, nakuba izincasiselo zishintsha ngenxa yokufufusa kwalemboni.
Okwamanje, izinhlelo zendwalazo ezivamile zisebenzisa iziqomondo zendwalazo noma Izimo ezivezwa ngobuningi ukuze ziphehle imifanekiso yoqobo, imisindo yangempela nezinye izintshwayo ezishukumisa ukuba khona komsebenzisi endwalifeni. Umuntu osebenzisa izinsiza zendwalazo uyakwazi ukuthi abone izinto ezimzungezile ezweni elinomfiyiwe, ahamba hambe kulo, futhi ananane nolwangu noma Izinto zendwalazo. Lomthelela uvame ukubangwa iziqomondo zendwalazo eziqukethe isigcogco esinombukiso (head-mounted display) esinesihenqo esincinyane phambi kwamehlo, kodwana nomthelela ungadalwa nangamagumbi eklanywe ngokukhethekile anezihenqo eziningana ezinkulu. Indwalazo ivame ukuhlanganisa isibikemphinda senzwakalo (auditory) nombukiso, kodwana nezinye izinhlobo zemizwa ziyafakwa kanye nomazinkintshela ophoqiwe ngobuchwepheshe bemizwa.
Izinhlobo nezindlelasu
hlelaEnye indlelasu indwalazo efezekiswa ngayo ibizwa indwalazo efefenyekwayo. Ngokwesibonelo, izifefenyeki zokushayela, zenza umshayeli abe nomuzwa wokushayela isithuthi ngokoqobo ngokubikezela umdiki wesithuthi obangelwa igalelo lomshayeli nesibikemphinda sikangizosho ongumboniso, umdiki nenzwakalo yomshayeli ezihambisanayo.
Umlando
hlelaUkuthuthukiswa kwezibon'imifanekiso enkathini yezinguquko zobuciko kwelaseYurophu kanye nomahloli'mifanekiso (stereoscope) owaqanjwa nguMnu. Charles Wheatstone, kokubili okwandulela indwalazo.[1][2][3] Amaphatho wokuqala womsukamqondo wanamuhla wendwalazo aqhamuka nenganeko yenzululwazi.
Imithombo
hlela- ↑ Baltrušaitis, Jurgis; Strachan, W.J. (1977). Anamorphic art. New York: Harry N. Abrams. p. 4. ISBN 9780810906624.
- ↑ "Virtual Reality Society". Virtual Reality Society. 2020-01-02. Kulandwe ngomhlaka 2023-01-19.
- ↑ "Charles Wheatstone: the father of 3D and virtual reality technology". Feature from King's College London. 2016-10-28. Kulandwe ngomhlaka 2023-01-19.