Ingqwangqwa (kumchazampilo)

INzululwazi yokwetha, ukuchasisa nokujinja iziphili

Kumchazampilo, ingqwangqwa ucwaningo lwenjulalwazi lokwetha, ukuchasisa kanye nokujinja amaqembu eziphili ngokwezinkondolo zazo ezifanayo. Iziphili zehlukaniswa ngokwezingqwanye (taxa) futhi lamaqembu anikezwa uqhiwu lobungqwangqwa; amaqembu oqhuwi oluthile angaqoqwa ngomumo ophelele ukuze kwakheke iqembu loqhiwu oluphakeme, kanjalo kudaleke uqhiwu lobungqwangqwa. Uqhiwu oluyinhloko olusetahenziswa namuhla lwaziwa ngokuthi Isidlangala, umbuso, Umhibatho, isigaba, uhlelo, umndeni, inzalo nomqhinqo.