Inhlanzi isishelwe amanzi

Lenkulumo iyisaga solwimi lwesiZulu okuchaza isimo esithile ngomuntu uma kukhona abhekene nakho lapho eseswela umgodi wokucasha noma ukubalekela endaweni ethile. Lapho umuntu esembuleke izinqa obala engasenakwenzani njengenhlanzi ebhekana nenkinga uma ingasenawo amanzi okuphila (isishelwe ngamanzi). Lesi simo sokukhuluma olimini lwesiZulu luyingxenye yocezu lwenkulumo olubizwa ngesifaniso.