Inkalane

isihlahla senkalane

Inkalane (ILatin: Aloe arborescens), noma umhlabane uhlobo lwesihlahla olubizwa ngokuthi inhlaba esimila kwaZulu-Natali, eMpumalanga kanye nase Limpopo esisetshenziswa ngabalephi bendabuko ukwelapha. Lesi sihlahla sinamahlamvu amade aqinile aluhlaza cwe acijile emachosheni. Uma sekusondele ubusika ngenyanga kaNhlaba kuze kube nguNtulikazi lesi sihlahla sikhipha izimbali ezinombala okhangayo. Lezi zimbali zinemibala egqamile okubalwa kuyo obomvu kanye nophuzi kanti zithandwa kakhulu izinyosi kanye nezinyoni ngoba zithanda umpe oluthokala kulezi zimbali.  

Isihlahla senkalane

Ukusetshenziswa hlela

Lesi sihlahla sisetshenziswa ukwelapha izifo ezingi ebantwini kanye nasezilwaneni. Amahlamvu enhlaba ayagaywa bese ephuziswa lowo onesisu esibuhlungu. Amahlamvu agayiwe abuye anikezwe izinkukhu ukuzivikela ezifweni ezinigi. Amahlamvu alesi sihlahla abuye asetshenziswe ukulapha amathole. Omunye umsebenzi obalulekile walesi sihlahla ukulapha isikhumba somuntu oshile.