Intshicwa

izinsalela ezikhwezekile noma ubufakazi beziphili zasendulo

Intshicwa (ibizo elisho ukuthi okushicilelwe) iyinoma yiziphi izinsalela ezikhwezekile, ukushiceka, noma imikhondo yanoma iyiphi into eyake yaphila endulo. Izibonelo zihlanganisa amathambo, amagobolondo, izikhehlekandle (exoskeletons), izishicelo ezisematsheni zezilwane noma amagciwane, izinto ezikhwezeke phakathi kwenomfi, izinwele, nokhuni oluphenduke itshe nasezinsaleleni zolibofuzo. Izintshicwa sezizonke zaziwa ngokuthi uMlando wezintshicwa.

Izinhlobo ezihlukene zezingqwanye zentshicwa