Intshogcezi
Intshogcezi yisiqa noma isithako esihilela imizwayi emikhulu ebizwa imizwayikhulu eyakhiwa izingxenye ezincinyane eziningi (ezigcezi). Ngenxa yomungco wezakho zazo obanzi, kokubili izintshogcezi zemvelo nezokuzakhela zineqhaza elimqoka nelisabalele ekuphileni kwansuku zonke. Izintshogcezi ziyahlukahluka kusuka kwezijwayelekile zocwazi le-polystyrene kuya kwizintshogcezimpilo zemvelo ezifana nolibofuzo nezakhamzimba eziyisiseko ohlakeni olungokwempilo nokusebenza kwayo. Izintshogcezi, kokubili ezemvelo nezilumbanisiwe, zikhandwa ngenqubo yokuntshogceza imizwayi eminingi emincane, ebizwa izintshotho. Isisindo sazo esikhulu, esicakathene nemiXube yemizwayi emincane, ikhiqiza izakhi eziyingqayizivele ezihlanganisa ubuqatha, ubunjobuluka obuphakeme, ubunjunguluka, nengabelo yokwakha izinhlaka ezingenasimo nezigudlumncwebe esikhundleni semincwebe.