Inxoza

isiqa semvelo noma sembulu esakhiwe ngezinkosa ezinde, ezilubunda

INxoza iyisiqa semvelo noma sokuzakhela (esimbulu) eside ngokuphawulekayo kunokuba banzi. Inxoza ivame ukusetshenziswa uma kukhiqizwa ezinye izithako. Izithako zomngcikisho eziqatha zivame ukuhlanganisa nenxoza, ngokwesibonelo, inxoza yomcalahle kanye namagcezihwe anobunzima bamachembe aphezulu (ultra-high-molecular-weight polyethylene).

Inyanda yenxoza yokukhanya

Izinxoza ezididiyelwe zivame ukukhiqizwa ngemali ephansi futhi ngamanani amakhulu uma ziqhathaniswa nezinxoza zemvelo, kodwa endabeni yezambatho, izinxoza zemvelo zinemihlomulo efana nokunethezeka, kunalezo zokuzakhela.

Izinxoza zemvelo hlela

Izinxoza zemvelo zitholakala ngobumo benxoza, futhi zihlanganisa lezo ezikhiqizwa yizitshalo, izilwane, nayimidludlungu yemvelo. Zonke zingajinjwa ngokuphathelene nendabuko yazo: