IsiPhilincinci
IsiPhilincinci siyisiPhili esinobungako obuyisimoncinci, nesingaphila njengengqamuzana elilodwa noma njengesixheke samangqamuzana.
Ukuba khona kweziphili ezincinyane ezingabonakali kwakucatshangelwa kusuka ezikhathini zasendulo, njengasemibhalweni yamaJayini yasendiya yangekhulu lesithupha BC. Ucwaningo lwenzululwazi lweziphilincinci lwaqala ngokunyalulwa ngesiBonancinci ngowe-1670 ngu-Anton van Leeuwenhoek. Ngowe1850, uLouis Pasteur wathola iziphilincinci ezibangela ukuphuhla ezidlweni, okwaphikisa umbono wokuvela esithubeni. Ngo1880, uRobert Koch wavubukula ukuthi iziphilincinci zibangela isifo sofuba, uhudo, ujiyomgudu (diphtheria), kanye nombhicosho.
Ngenxa yokuthi iziphilincinci zihlanganisa iningi leziphili ezingunongqamuzana zazo zontathu izidlangala zempilo lokhu kwenza zingafani. Izidlangala ezimbili kwezintathu, ingunazane nezinungwana, yizona eziqukethe iziphilincinci kuphela. Isidlangala sesithathu esiyiNswelandeni sihlanganisa zonke iziphili ezingumangqamuzana kanye nezinanjazane nezinambi ezingunongqamuzana oyigciwane. Ezinye ezinambi zihlobene nezilwane bese ezinye zahlobana nezimila. Kukhona neziphili ezingumangqamuzana ezisimoncinci ezifana nezilwanencinci, ezinye izikhunta, nezinye i-algae, kodwa lezi ngokuvamile azithathwa ngeziphilincinci.
Iziphilincinci zingaba nezindawo ezihlukile ezihlala kuzo, futhi ziphile ndawo zonke kusuka emachopheni kuya enkabazweni, ogwaduleni, geysers, ematsheni, kanye nasekujuleni kwezilwandle. Ezinye sezikwazi ukuhlala ezindaweni ezishisa kakhulu noma iziqanda kakhulu, ezinye ngaphansi komfutho omkhulu, kanti ezimbalwa ezifana ne-Deinococcus radiodurans, zihlala ezimweni ezinemiyonzi ephezulu. Iziphilincinci zakha imiphakathinci etholakala kuzo zonke iziphili ezingumangqamuzana. Kunobufakazi bokuthi amatshe aneminyaka eyizigidigidi ezintanthu ase-Ostraliya ake aqukatha iziphilincinci, okuwubufakazi obuqondile basendulo bempilo emhlabeni.
Iziphilincinci zibalulekile kusikompilo lomuntu nezempilo ngezindlela eziningi, zikhonza ngokuvubelisa izidlo kanye nokuhlanza intuthandle, kanye nokukhiqiza isivuthisi, izinzwayiza, kanye neminye imixube yoqebethompilo. Iziphilincinci ziyizinsiza ezimqoka kumchazampilo njengeziphili eziyisibonelo futhi seziye zasetshenziswa ekuhlaseleni ngamagciwane, nasebuphekuleni ngawo. Iziphilincinci ziyisigcoyi esibalulekile somhlabathi ovundile. Emzimbeni womuntu, iziphilincinci zakha umphakathinci womuntu, kuhlanganisa negut flora emqoka. Amagciwane abanga izifo ezithelelanayo ayiziphilincinci futhi, ngalokho, ayizigcibishe zezinyathelo zenhlanzeko.