uma ufuna ikhasi elimayelana nohlobo lomculo bheka la Amapiano.

iPiyano noma isiQumuqumu liyinsimbi yomsindo enesiqengqe esinezintambo ezishaywa izando zokhuni ezicakwe ngesithako esithambile (izando zanamuhla zimbozwe ngovolo; ngaphambili kwakusetshenziswa isikhumba). Isiqumuqumu sidlalwa ngokusebenzisa isiqengqe esinezichofwa eziwuhlu (zimise okwesixakaxo ezincane) umdlali ozicindezela ngeminwe nangezithupha ngezandla zombili okubangela izando ukuba zishaye izintambo. Lensimbi yaqanjwa nguBartolomeo Cristofori wase-Itali eminyakeni ye-1700.

iPiyano