Isibalo Senkulumo

Isibalo Senkulumo yindlela engaqondile, yokudlulisa umqondo othize. Izibalo zenkulumo eziningi azidalelwe ukuqondwa ngqo ngalendlela ezikhulunywe ngayo: azizona izinto ezinjengoba zinjalo, futhi azizona izinto eziliqiniso. Zisebenzisa ulimi olungaqondile, futhi zisho okuhlukile kulimi olujwayelekile.

Osozilimi, lezizibalo zenkulumo bazibiza ngama "tropes"—okungukudlala ngama gama, ukuwasebenzisa ngendlela ehlukile kule eyaziwayo noma evamile. U-DiYanni wabhala ukuthi: "Ama-rhetoricians aseqoqe izinhlobo ezahlukahlukene ezingama-250 wezibalo zenkulumo(zesingisi), ukukhuluma nokusebenzisa amagama ngendlela engavamile".[1]

Izingathekiso zingumzekelo ovamile. Isibalo senkulumo esidumile ukuthi umuntu "ulahla ithawula". Lokhu akusho ukuthu lowo muntu ulahla phansi ithawula. Kunalokho, kusho ukuthi lowo muntu useyekelela noma uselahla ithemba ngento abekade eyenza noma ezimisele ngayo.

Ayikho indlela eyodwa elula yokuhlukanisa inkulumo eqondile nesibalo senkulumo.[2]

Izibalo Zenkulumo hlela

Izinkomba hlela

  1. https://simple.m.wikipedia.org/wiki/Special:BookSources/0-07-557112-9
  2. Ortony, Andrew 1993. Metaphor and thought. Cambridge University Press, p204. Template:ISBN