Isikhwence

Isiklamo sokukhomba esisetshenziselwa ukulawula isiCikizi

Isikhwence (noma isikhwence sesiCikizi okanye igundane) siyinsiza yokukhomba ebanjwa ngesandla ehlonga umdiki omngakombili ohlobene nendawo. Lo mdiki noma mnyakazo uvame ukuhuntushwa njengomnyakazo wesikhombi (okuthiwa ikhesa) embukisweni, okuyisehlo esivumela ukulawula okushelelayo kumfanekiso oyisixhakazimo womsebenzisi wesiCikizi .

Isikhwence sinolwangu oluvamile kakhulu: iziqobosho ezimbili (kwesokunxele nakwesokudla) kanye nesondwana lokuskrola (elingasebenza njengesiqobosho uma licindezelwa ngaphakathi)
Isikhwence esiswelintambo esijwayelekile

Umbukiswano wokuqala womphakathi wesikhwence esilawula uhlelo lwesiCikizi wenziwa ngu-Doug Engelbert ngowe-1968 njengengxenye ye-Mother of all Demos.

uMsukagama

hlela
 
Elithi isikhwence lisuselwa ekufaneni kwaso nesiququdi esibizwa ikhwence.

Ukusetshenziswa kwegama lesiZulu elithi isikhwence ukubhekiselwa enguxeni yesicikizi yokukhomba kufuze ncamashi indlela elesingisi elanqanjwa ngayo. Leli gama kuyacaca ukuthi lisuselwa ekufaneni kwalesiklamo nokuma nobukhulu besilwane ikhwence, intambo yaso yona ifane nomsila walo . Isibunge sezikhwence ezingenantambo kwenza lokhu ukufana kungabi sobala.