Isiphequluli yilokho okusebenzisa ukuphequlula isizindalwazi. Isiphequluli kunguhlelo lwama-kompyutha olusiza umuntu ukuvakashela amakhasi esizindalwazi njenge-Wikipedia, izinkundla zokuxhumana, ezezindaba, ezocwaningo, ezobuciko, nokunye. Izibonelo ezaziwa ngabaningi yi-Google Chrome, Mozilla Firefox, Windows Edge, Safari, nezinye eziningi.

Izibalo zabantu abangabasebenzisi beziphequluli ezinhlobonhlobo

Abantu ikakhulukazi basebenzisa lolo hlobo lwesiphequluli abaluthola nje kwi-kompyutha yabo uma bayithenge. Kodwa abanye abantu bakhetha ezinye iziphequluli ngenxa yezici ezinazo njengezobumfihlo, ezejubane lokuphequlula, ezokukhumbula amakhasi ojwayele ukuwavakashela, ezokuzihlobisa ngomathanda wabo, njll.

Kukhona nezinye iziphequluli ezisetshenziswa ukuhlola okwaziwa njengesizindalwazi esingalawulwa, phecelezi yi-dark web.