Isisindo
Isisindo siyisigubo esingaphakathi kwendikimba. Kwakucatshangwa ukuthi isisindo sihlobene nezingabunjalo loTho endikimbeni, kwaze kwaba yilapho kuvubukulwa iChwe nezinhlayiyana zalo. Kwatholakala ukuthi amachwe ahlukene nezinhlayiyana eziyosiseko ezihlukene, ezinoTho olunenani elifanayo ngokomchachiso, zinezisindo ezihlukene. Isisindo ngkomchazandalo wanamuhla sinzincasiselo eziningana ezinezicabango ezihlukene, kodwana ezilinganayo. isisindo singachasiswa ngokomgcanso njengesilinganiso sengwevamdiki yendikimba, okusho ukuphikisa ukukhawuleza (uguquko lwesivinini) lapho kunesiphoqi esifuqayo. Isisindo sento ethile naso sinomthelela ezikhwepheni zokuheha komnyondo wayo ngokoqondene nezinye izindikimba.
Isilinganiso sesisindo saziwa ngokuthi ikhilogremi (kg). Kumchazandalo, isisindo asiyona into eyodwa nesinzima, ngisho noma isisindo sinqunywa ngokulinganisa isinzima sento kusetshenziswa umlinganiso wespring, esikhundleni somlinganiso webalance lapho kuqhathaniswa nezisindo ezaziwayo. Into eseNyangeni izoba nesinzima esincane kunalapho iseMhlabeni ngenxa yomnyondo omncane eNyangeni, kodwa isisindo sayo ngeke siguwuke. Lokhu kungenxa yokuthi isinzima siyisiphoqi, kuyilapho isisindo siyisigubo esikwazi (kanye nomyondo) ukunquma izikhwepha zalesi siphoqi.