Johannes Galilee Shembe

INkosi u-Johannes Galile Shembe, iNkosi iLanga, iNkosi YaseKuphakameni (27 kuNtulukazi 1904- 19 Zibandlela 1976) wabe engumholi wesibili weBandla LamaNaretha. Waqala ukuhola ibandla kusukela ngo-1935 emva kokukhothama kukayise uMprofethi u-Isaiah Shembe umsunguli webandla. Walihola leli bandla kwaze kwaba sekukhothameni kwakhe ngoZibandlela ka-1976. Ekuthatheni kwakhe izintambo zobuholi eKuphakameni wenza umsebenzi umkhulu wokuqoqa imisebenzi eminingi yezenzo zikaShembe ukuthi ibhalwe phansi. Ngo-1940 washicilela nencwadi yeZihlabelelo ZamaNazaretha okuwumqulu oqukethe izimfundiso nezihlabelelo zokukhonza ezafika ngoMprofethi kanye nezafika ngaye.[1] iNkosi iLanga iyona eyetha kabusha iBandla lamaNazaretha labizwa ngokuthi i-Nazareth Baptist Church.[1]

  1. https://www.jstor.org/stable/41699622