uKyle Miyata Larson (owazalelwa eSacramento, eCalifornia, ngoJulayi 31, 1992) ungumshayeli wezimoto okhokhelwayo waseMelika oyilunga lomncintiswano we-NASCAR Cup Series.

Kyle Larson

ULarson ujoyine iqembu leChip Ganassi Racing kusukela ngesizini ka-2014 kuya ekuqaleni kwesizini ka-2020 ngemoto engunombolo 42. Kuleli qembu, unqobe imijaho eyisishiyagalolunye.[1][2] Wamiswa kwi-NASCAR wabe esexoshwa eqenjini laseGanassi ngo-Ephreli 2020 ngenxa yesigameko senkulumo yobandlululo emjahweni obonakalayo.

I-NASCAR ibuyise isikhundla sikaLarson ngo-Okthoba 2020.[3] Eqala isizini ka-2021, wagijima eqenjini laseHendrick Motorsports ngemoto engunombolo 5.[4]

Imithombo

hlela
  1. Ryan, Nate (August 30, 2013). "Chip Ganassi on Kyle Larson: 'The kid's ready'". USA Today. Gannett Company. Kulandwe ngomhlaka August 30, 2013.
  2. Bob Pockrass (August 30, 2013). "Chip Ganassi says new driver Kyle Larson ready for Sprint Cup - NASCAR". Sporting News. Archived from the original on September 5, 2013. Kulandwe ngomhlaka January 22, 2014.
  3. "NASCAR reinstates Kyle Larson, clearing him for return | NASCAR". Official Site Of NASCAR (in i-English). 2020-10-19. Kulandwe ngomhlaka 2020-10-20.
  4. "Hendrick Motorsports signs Kyle Larson for 2021 season - NBC Sports". NASCAR Talk | NBC Sports (in i-English). 2020-10-28. Kulandwe ngomhlaka 2020-10-28.

Izixhumanisi zangaphandle

hlela