IMahikeng

idolobha eliseNyakatho-Ntshonalanga
(Redirected from Mahikeng)

IMahikeng yidolobha eliseNyakatho-Ntshonalanga, eNingizimu Afrika. Lelidolobha liyisiqongo seNyakatho-Ntshonalanga.[1]

IMahikeng

Imakethe yaseMahikeng
Izwe INingizimu Afrika
Isifundazwe INyakatho-Ntshonalanga
Isifunda Ngaka Modiri Molema
Umasipala Mahikeng
Ubukhulu bendawo 24.57 km²
Inani labantu (ngo-2011) 15,117[2]
Izilimi[2]
Izinhlanga[2]
Iwebhusayithi http://www.mahikeng.gov.za/

Umlando hlela

IMahikeng yasungulwa ngonyaka ka-1852, isungulwa ngu-Molema Tawana owazalelwa eKhunwana. UTawana wayeyindodana ya Kgosi Tawana wohlanga lama-Tshidi Barolong. Ngokuhamba kwesikhathi umfowabo ka Tawana uMontshiwa waba yi-Nkosi. Ngenkathi uhlanga lama-Tshidi Barolong lusahlala eThaba Nchu, ngesikhathi saMfecane, uTawana waphendulwa ngokokholo waba ngu-Mkhrestu ngama-Wesleyan. Indodana ya-Tawana, uSilas Molema wafunda e-Healdtown College, waphinda wasiza umshana wakhe uSebopioa Molema ukuze afike eMelika ngonyaka ka-1904 khona ezokwazi uSebopioa ukuthi afundele i-Law eWilberforce, Ohio.

UTawana wayengumuntu okholelwa kakhulu kwi-mfundo yaphesheya, lokhu kukhonjiswa ukufunda kwakhe eHeadltown; ngokuhamba kwesikhathi uTawana wavula isikole evulela abantu bakhe. UTawana washona ngo-1882, indodana yakhe uSilas waba ngu-Dokotela nombhali womlando wohlanga lwakhe. Uhlanga lwa-Tawana lwaqamba indawo ababehlala kuyona nge "Mahikeng", igama lesiTswana elisho "Indawo enamatshe". Ngokuhamba kwesikhathi, iMahikeng amaNgisi ayibiza nge "Mafeking".

Ukuhlaselwa kwe-Mahikeng hlela

Ngesikhathi se-mpi yesibili yamaBhunu, iMahikeng yahlaselwa ngamabhunu ngonyaka ka-1899. Ukuhlaselwa nokunqotshwa kwe-Mahikeng okwakuholwa ngu-Robert Baden-Powell kwathatha izinsuku ezingama-217 kusukela ku-Mfumfu wa-1899 kuya ku-Nhlaba wa-1900. Ngo Mandulo wa-1904, uLord Roberts waveza isithombe esasinamagama abantu abashona bezama ukuvikela iMahikeng ngenkathi ihlaselwa. Abantu abashona sebebonke babengama-212, kwalima abangama-600. AmaBhunu ashonelwa ngabantu abaningi ngenkathi kuhlaselwa iMahikeng.

Isiqongo seNyakatho-Ntshonalanga hlela

Ngonyaka ka-1994, iMahikeng yenziwa isiqongo sesifundazwe seNyakatho-Ntshonalanga ibizwa nge "Mafikeng". Ngo-Nhlolanja wa-2010, uLulu Xingwana owayengu-Minister we Arts and Culture washintsha igama elithi "Mafikeng" laphindela kuleli elalibizwa ngalo "iMahikeng".

Igama hlela

Igama elithi "Mahikeng" lichaza "Indawo enamatshe" ngolwimi lwesiTswana, kodwa lelidolobha libizwa nge "Mafikeng" ngolwimi lwesigodi sabantu base Mmabatho.

Imfundo hlela

Inyuvesi hlela

  • North-West University

Imithombo hlela

  1. "Mafikeng — SA history". sahistory.org.za. Kulandwe ngo-Mandulo 7, 2020.
  2. 2.0 2.1 2.2 Census 2011: Census in brief (PDF). Pretoria: Statistics South Africa. 2012. ISBN 9780621413885.