Mtshengiseni Gcwensa

Umtshengiseni GCwensa wazalwa ngo1972 ezalwa eNtungwini, Ophongolo, Kwazulu. Ube esehola phambili iqembu elikhulu kuwo onke kumaskandi aMageza Amahle. Uqale ngokuthi abengumculi wangasemuva kuMahaukela ngezikathi zamatshitshi amhlophe lapho ube backela amaqembu ahlukene kamahaukela. Kuthe uma eseshona umahukela ngo2001 base beqamba iqembu abalisungule ekunye noMgqumenu bekungu 2003 unyaka abakhiphe iAlbum labo lokuqala ngokuhlanganyela. Iqembu bebelibiza ukuthi Amagcokama.leliqembu likhiphe iAlbum eyodwa vho ababeyibiza ngokuthi "ithe bhuxe". Lisandlondlobala njalo iqembu kwase kuba nombangiswano lase lihlephuka phakathi. UGcwensa use ephuma umuzi okungowakhe lapho ahambe kanye nentsizwa ezimbili okungu Njencane Ngubane kanye noSbongiseni Mpondi Ntombela. Base bezama ukukhangela inkampani abangaqopha kuyona,zabavalela ngaphandle eziningi baze badibana noSxhobo mpungose wasebenzosana nabo bakiphi album labo lokuqala. Bakiphe album labo lesibili elabakhela udumo olumangazayo lapho kunengoma eyisihloko ethi " iphethe umsese". Ube sewola izindondo ubuthaphu thaphu.ubencomfana noMgqumeni njalo kuma album awakhiphayo yize nje ebephendula okushiwo yimbangi. Ithe uma idlula emhlabeni imbangi yakhe ngo2009 wase equbeka nokudlala ingoma awayeyincomfa kuyona basebemvala emicimbini kwaze kwafuneka ukuthi axolise. Sizokhumbula ukuthi ube wumculi wokuqala uwola indodo ezintathi kumncintiswano owodwa kumculo kamaskandi. Ngendlela abethandwa ngayo kuze kwadingeka ukuthi abahleli bemicimbi bavale ngaye icimbini ngoba uma ethe wacula kuqala uma ehamba kusala idlanzana labalandeli. Ugcwensa ubecula ehola phambili amageza amahle abuye abe ithwasa langempela abuye aba indidane aphinde akhiphe ezimbiza Umtshengiseni. Ubekipha kabili njalo enyakeni,ngoGood aphiinde akhiphe ngoDesemba. Ugule iskathi eside abaculi abaningi beneze bakhande amahlaya ngogula kwakhe,lonto ibingamthibazi nakancane ngoba ubeze acule ngako ukugula kwakhe. Ngezi 27 july 2015 sevuswa izindaba zokuthi usehambile emhlabeni.ushone esenizinqwaba zezindodo,ekhiphe ama album amaningi kabi. Iqembu amageza amahle lisale seliholwa owayengumculi wangasemuva uPotso ngobese obemkhonze kakhulu,ubuze umzwe elibiza kaningi igama lakhe ezingomeni zakhe.