URuth First (4 Meyi 1925 - 17 Agasti 1982) wayeyisishoshovu saseNingizimu Afrika esasilwa nobandlululo nesazi saseGoli, eNingizimu Afrika. Ubeyindodakazi ka Jewwish Immigrants Julius no Matilda First .uJulius ubeyi furniture manufacture wazalwa eLavitvia bese wazohlala eNingizimu Afrika ngonyaka ka1906 eneminyaka eyishumi umatilda yena weza eNingizimu Afrika esukabeLithuania eseneminyaka yesine .bobabili bebayingxenye yeCommunist Party South Africa ngonyaa 1921.uRuth ubenomfowabo abambiza ngoronald .bakhule bobabili ndawonye.uRuth wenza ibanga leshumi nabili eJeppe high School lapho kufunda amantombazane wondwa . Wathi eqeda ukufunda esikoleni wafunda umatikuletsheni eWitwaterstand Johannesburg,sukela ngonyaka 1940 ukuya kunyaka 1946. Waqeda ne BA Social studies wathola isikhundla sokuqala isifundo seSocialogy , Anthropology kanye ne Economic histroy. Wayefunda noNelson Mandela, Eduardo Mandlana, Joe Slovo , TN Singh and Ismail.

Ngonyaka 1974 waqala wasebenza ukuba eJohannesburg City Council kodwa wayeka ngoba enqaba izenzo zokuba iCouncil wase waba yi Johannesburg editor kumaphephabhuku. Njengomuntu ongumthathi ndaba ubesebenza ukuthutha izindaba ngabantu abasebenza ensimini kanye nokunye ngonyaka ka 1950 .Washada noJoe Slovo ngonyaka ka1946 obekangumeli asebenza kanzima njengoNkosikazi wakhe uRuth First.Bobabili bebanabantwana abathathu uShawn, Gillian noRobyn . Ubengumlweli wenkululeko,umsizi wethu,iqhawekazi lethu nomvikeli wethu .Nesizulu siyasho ukuthi izandla ziyagezana lokho kusho ukuthi usisizile nathi asimsize ngokuphathana kahle njengoba walwela inkululeko . Wabulawa yibomb .uRuth First washona ngosuku lweshumi nesikhombisa August 1982 endaweni yaseMaputo eMozambique.[1]

Izikhombau hlela