Talk:Imfundondalo
Kukhona okungixaka esihumushweni saleli khasi. Kwase kwafakwa igama elisha ekhasini lomchazamkhathi lokchaza uSoSayensi: imfundindalo. Ngathi kungaba ngcono ukulibhala njengemfundondalo ukuze kungahunyushwa negama lesayensi libe ufundondalo. Kodwa kusakhona okungezwakali kahle ngemfundondalo ukuchaza umuntu osebenza kofundondalo/isayensi. Imfundo-ndalo kusazwakala engathi kukhulunywa ngezifundo mayelana nendalo esikhundleni somuntu ofunda ngendalo. Kepha akuzukusebenza ukubhala la magama amabili axhunyenwe ngenzindlela ezimbili ezihlukile; ufundondalo nemfundindalo, ngoba kusodidisa abantu abazosanda ukuwafunda. Ngidinga usizo bandla
iGama mfundobdalo hlela
Leli gama elithi "imfundalo" aliwudlulisi umqondo ofanele nowanelisayo ngabantu abangososayensi. mhlawumbe Uma singacabanga elinye elishaya khona kungaba kuhle. Ngokucabanga kwami kanye nengxoxo engibe nayo noNhlanhla, singawahlela kanje lamagama physics - umchazandalo physicist - umfundindalo, abafundindalo
bese sesingadingida ukuthi ukuthi elithi "scientist" kuzoba "usonzululwazi" noma siliyeke kungusosayensi. elithi "science" kube "iNzululwazi" Noma nalo siliyeke kuyisayensi. Fongcwele (talk) 16:00, 22 uMfumfu 2022 (UTC)