Intaba iThidi yigquma eladalwa wukuqhuma kwe volcano elise Theneri yona eseziqhingini zaseKhaneli ezingaphansi kwezwe lase Speyni. Isicongo sayo silinganiselwa ku 3,718m, nokuyenza ibe yilona gquma eliphakeme kunawowonke eSpeyni. Iphinde futhi ibe yisicongco esiphakeme kunazozonke uma ikalwa kusukela phansi olwandle.

Thidi

Uma ikalwa kusukela phansi olwandle ilinganiselwa ku 7,500m. Lokho kuyenza ibe yi volcano ephakeme kunawowonke ama volcano angaphandle kweziqhingi zase Hawayi. u-NASA no-UNESCO bathi ngokokuphakama iyigquma lesithathu emagqumeni adalwa yi volcano emhlabeni. Ukuphakama kweThidi kwenza iTheneri ibe yigquma leshumi ngokokuphaka emhlabeni. i-Thidi iyi volcano engakapholi nesangaqhuma noma yinini. Yagcina ukuqhuma ngo 1909. Ngenxa yomlando wayo wokuqhuna okudala izinhlekelele nangokusondela kakhulu kwayo emadolobheni amakhulu, iKomidi leNhlangano yeZizwe elibhekele Izinhlekelele seliyibale njengenye yama volcano abizwa ngokuthi phecelezi Decade Volcano. Isondelene namadokobha afana no Garachico, Icod de los Vinos kanye ne Puerto de la Cruz.

Le volcano isondelene nesiqiwi i[Thidi National Park]], nesakhethwa yi-UNESCO njengelinye laMagugu oMhlaba mhlaka June 28, 2007. iThidi yaphuma phambili njengesinye seZimanga Zemvelo esivakashelwa kakhulu eSpeyni kanye nase Yurophu jikelele. Ngenxa yezivakashi ezevile ezigidini ezine, ngo 2015 yaba eyesishiyagalolunye ezindaweni eziyiZimanga Zemvelo ezivakashelwa kakhulu emhlabeni, nokwaba yingqophamlando. Kweminye yemiqansa yaleligquma kutholakala indawo lapho okubukelwa khona izinkanyezi, phecelezi, Teide Observatory, nokungenye yezindawo zokubukela izinkanyezi ezinkulu emhlabeni.