uBruno P. Maddox (wazalwa ngo 1969) ungumbhali wama-noveli kanti futhi uyintatheli yase Brithani owaziwa kakhulu ngenoveli yakhe i-My Little Blue Dress (2001) kanye nombhalo wakhe waku'magazini.

Ngemva kokuphuma kwakhe e-Harvard University ngo 1992, uMaddox waqala ukusebenza ngokuhlela izincwadi e-The New York Times Book Review kanye nase The Washington Post Book World. Ngo 1996, wakhethwa ukubha ngumhlelikazi wemagazini i-Spy kwathi ezinyangeni ezimbalwa wakhushulelwa ukuba umhleli ophakeme, isikhundla asibamba kwaze kwafinyelela lapho imagazini le yavalwa khona ngo 1998. uMaddox wabhala i-My Little Blue Dress ngaphakathi komnyaka waka 1999 kanye nomyaka u-2001. Kusukela lapho ekushicililweni kwayo lenoveli yakhe, waphinde wabheka ekubhaleni umibhalo yemagazini efana no GEAR kanye ne Travel + Leisure; uneqhaza futhi lombhalo kumagazini i-Discover ebizwa ngokuthi yi "Blinded by Science", okuyinto akewayenza phambilini wavelela kwi-sayensi kanye nezobuchwepheshe. uMaddox kanti futhi uneqhaza ekuhlelini (contributing editor) imagazini i-American edition of The Week.[1]

Iminyaka Endlule hlela

uMaddox wazalelwa ezweni lwase Ngilandi ngo 1969 ungumntwana womhleli we Nature, u-Sir John Maddox, osewandlula emhlabeni owayengubhali we-sayensi nezemvelo, kanye no-Brenda Maddox, owaye ngumlobi we Rosalind FranklinW.B. YeatsNora Barnacle nokunye futhi. Ubenosisi oyedwa u, Bronwen Maddox, owaba yintatheli, ne Chief Foreign Commentator yaku The Times kanti futhi manje usengumhleli futhi uyi-Chief Executive ye-Prospect Magazine. UMaddox wayejabulile kakhulu futhi enamathuba ebuntwaneni bakhe nasebusheni bakhe ngoba ubaba wakhe wayengumhleli wemagazini i-Nature, wahlangana nabanye ababephambili ekucabangeni ngeze sayensi ngazinkathi zakhe futhi wajabulela nokudla amadina nabantu ababalulekile abafana no James Watson kanye no Sir Fred Hoyle.

Naphezu komlando womndeni wakhe kwi sayensi, uMaddox wayethakasele i-humanities ngenkathi engena isikole e-Westminster School, isikole esizimele sabafana eLandani. uMaddox wahamba wayofunda i-English literature e Harvard University waqeda ngo 1992. Washicilela isihloko sakhe esisodwa kwi student newspaper The Harvard Crimson ngesikhathi esezingeni eliphakeme njengomfundi (senior year). Wawina i-Thomas Temple Hoopes Prize nge thesis yakhe ebalulekile yokusebenzisa iziphawulo kuma restuarant menus eyayibizwa ngokuthi i-Maltese: i-Gastrosophic Theory of Reading. Ngemva kukoqeda izifundo zakhe uMaddox wasuka e-Cambridge, Massachusetts waya eMoscow—lapho asebenza khona amaviki amathathu engumhleli wesingisi se Russian magazine—wasuka lapho waya eNew York City, lapho ahlala khona iminyaka emithathu esebenza imisebenzi nje, efana nokukhulula izimemo zosaziwayo emaphathini.

References and notes hlela

  1. "Green Issue's Masthead". The Week. 23 April 2007. Archived from the original on 23 April 2007. Kulandwe ngomhlaka 23 April 2007.