UCosulelwano

inkolelombono yombusazwe nesimiso sezomnotho nenhlalo

Marx-Engels-Lenin_(red)

UCosulelwano noma ubudlandawonye, buyinjulalwazi yezomnotho yophiko lobunxele kanye nombutho ohlanganisa izinhlobonhlobo zezinhlelo zezomnotho ezibonakala ngemfundiso yobunikazi bomphakathi bezinsiza zokukhiqiza [1] ngokuphambene nobunikazi obusisulu. Njengebizo, buchaza imibono yezomnotho, ezembusazwe nezenhlalo kanye nemibuthano eyamaniswa nokugunundwa kwalezo zinhlelo. Ubunikazi bomphakathi kungaba obombuso, umphakathi, beqoqodwane, bobambiswano, noma umsebenzi. Njengoba kungekho neyodwa incasiselo ehlanganisa zonke izinhlobo zocosulelwano eziningi, ubunikazi bomphakathi buyisici ezifana ngaso. Izinhlobo ezihlukile zocosulelwano ziyahluka ngeqhaza lezindayi nokuhlelwa ekucosulelaneni izinsiza, ohlakeni lwezokuohatha ezinhlanganweni, kanye nasendleleni yokuphatha kusuka phezulu kuya ezansi noma ukusuka ezansi kuya phezulu, okwenza abanye abacosulelwa bethanda iqembu, umbuso, noma indlela yezikhulu. Osomcosula bayaphikisana ngokuthi ingabe uhulumeni okhona, angaba insiza efanele yenguquko.

Izimiso zocosulelwano zihluke zaba uhlobo ezimbili, olwendayi nolungenandayi. Ucosulelwano olungenandayi lwenana isici sendayi kwezinye izikhathi nemali ngokuhlelwa komnotho okudidiyelwe nokungcikishwa noma uhlelo lobuchule olwesekwe kuqaqululo olufanayo, ngaleyondlela lukhiqiza isimiso sezomnotho elihlukile nesisebenza ngemithetho yezomnotho nemidkizo ehlukile kunaleyo yobuhlohlesakhe. Isimiso socosulelwano olungenandayi sifuna ukuqeda ngokungasebenzi, ukungabi namqondo, nokungaqayizeleki, kanye nobuqhashiya osomcosula abakuyamanisa nokundondela imali kanye nesimiso semveza yobuhlohlesakhe. Ucosulelwano lwendayi lona lugcina ukusetshenziswa kwezintengo zemali, izindayi futhi kwezinye izimo impisekelo yemveza, ngokuqondene nokugidingwa kwemihibo enobunikazi bomphakathi nasekwabiweni kwezingudla eziyintshahla emphakathini. Izimveza ezithelwa yileyo mishumanqa ilawulwa ngokuqondile abasebenzi bomshumanqa ngamunye noma ziyiswe emphakathini wonkana sekuyimihlomulo yomphakathi.

  1. Cite error: Invalid <ref> tag; no text was provided for refs named oxfordcomp