UDesmond Tutu
UDesmond Tutu (7 October 1931 - 26 December 2021) wayengu mbhishobhi waseSheshi waseNingizimu Afrika futhi eyisazi semfundiso yenkolo, owaziwa ngomsebenzi wakhe njengomlweli wamalungelo abantu omelene nobandlululo. Wayengu mbhishobhi waseGoli kusukela ngonyaka ka-1985 kuya ku-1986 wabe eseba Umbhishobhi Omkhulu waseKapa kusukela ngonyaka ka -1986 kuya ku-1996, kuzo zombili izimo engumu-Afrika wokuqala ukuba athathe isikhundla. Ngokwenkolo, wafuna ukuhlanganisa imibono Imfundiso yenkolo yabamnyama nemfundiso yenkolo yase-Afrika.[1]