UNcibijane iholide lapho umhlaba wonke usuke ubungaza ukuqala konyaka omusha. Ngokwesibalizinsuku se-Gregorian lolu suku lugujwa mhla zi-1 kuMasingana minyaka yonke. Ngalolu suku kuba khona imugubho eminingi emhlabani wonke jikelele. Lolu suku lubalulekile ngoba lihlanganisa abantu abaningi uma lubungazwa. Amazwe amaningi alugubha ngezindlela ezahlukahlukene lolu suku.

Ukugujwa hlela

Ngalolu suku kuba khona imigubho eminingi ezindaweni eziningi,kubungazwa ukuqala konyaka omusha. Ezintathakusa zalulu suku, abantu baphumela ngapahandle ukuyobuka amakhrikhethi anemibala ekhangayo futhi aqhuma ngezindlela ezahlukahlene. Abangani, izinhlobo kanye nezithandani bonke bahlala ndawonye ukugubha lolu suku. Abantu balugubha ngzindlela ezahlukahlukene abnaye bosa inyama, abanye hahambele imicimbi eyahlukahlukene esuke ibanjelwe ezindaweni ezahlukahlukene.

ENingizimu Afrika sekwaba yisiko lokuthi ngesikhathi kushaya ihora le-00:00 ngesikhathi kushlukana unyaka iziteshi zomsakazo zidlale ingoma ngalesi sikhathi. Lengoma kuba yiyo ingoma yonkaya noma ehlukanise unyaka. Ingoma ehlukanisa unyaka esiteshini somasakazo sakwa-SABC, Ukhozi Fm kuba yiyo eba nedumela elikhulu.