UXhoxho lwezokuxhumana

uxhoxho lokuxhumana ebangeni elide

UXhoxho lwezokuxhumana luyiqoqo lamaqhuzu wamakhongco ezokuxhumana axhumanisiwe asetshenziselwa ukunanana ngemiyalezo phakathi kwamaqhuzu. Amakhongco angasebenzisa izinhlobonhlobo zezobuchwepheshe ezisekwe kwezindlelasu zentandelo yokuqhebeza, ukuqhebeza umyalezo, noma ukuqebeza ikhukhu ukuze kudluliswe imiyalezo neziyabizo.

Amaqhuzu amaningana angasebenzisana ukudlulisa umyalezo kusuka eqhuzwini lendabuko kuya eqhuzwini lempokophelo. Ngalomsebenzi wokukhondisa (routing function), iqhuzu ngalinye oxhoxhweni linikwa ikheli loxhoxho lokulihlonza nokubona ukuthi likuphi oxhoxhweni. Iqoqo lamakheli oxhoxhweni libizwa umkhathi wekheli loxhoxho.

Izibonelo zamaxhoxho ezokuxhumana zihlanganisa amaxhoxho esicikizi, uxhakaxholo, uxhoxho locingo oluqhebezwa sobala, uxhoxho lwe-Telex lomhlaba, uxhoxho lwe-ACARS kwezokundiza, kanye namaxhoxho omsakazo angenantambo wabahlinzeka ngezokuxhumana kukamakhalekhukhwini.