UbuJuda (kusuka esiHebheru: יהדות‎) inkolo engukukholwa kuNkulunkulu oyedwa futhi yindlela yokuphila nesiko labantu abangamaJuda emiphakathini ehlukene emhlabeni jikelele. UbuJuda basendulo inguquko yenkolo yeBhayibheli okuthiwa yaqala lapho uNkulunkulu enza isivumelwano nabantu abangamaJuda (noma abantu bakwa-Israyeli). Izincwadi eziyisisekelo zobuJuda yiTorah, iTanakh, iTalmud, neMishnah. U-Abrahama uthathwa njengowokuqala wamaJuda futhi njengoyise wabantu abangamaJuda. Umbuso wabantu abangamaJuda wamiswa ngaphansi kukaSawule namakhosi uDavide noSolomoni, neJerusalema yaba inhlokodolobha yawo. Ngemva kokubusa kukaSolomoni, lesi sizwe sahlukaniswa saba imibuso emibili: uMbuso wakwa-Israyeli (enyakatho) noMbuso wakwaJuda (eningizimu). Ngesikhathi seNkathi Ephakathi, kwaqala ukuhlakazeka kwabantu abangamaJuda, kanye nokuzondwa kwamaSemite njengendlela yokushushiswa ngokwenkolo nokubekwa emijondolo. Phakathi neMpi Yezwe II, ngaphansi kobuzinasi, kwenzeka okukodwa kokushushiswa okukhulu kakhulu kwabantu abangamaJuda, okwaziwa ngokuthi iHolocaust.

Umphakathi WamaJuda eNingizimu Afrika