Ukubaluleka kokufunda Izincwadi
Ukufunda izincwadi kubaluleke kakhulu ngoba kukwenza nomqondo ukhaliphe futhi uhlezi unomdlandla ngaso sonke isikhathi, esinsukwini zamanje liyakhula noma selikhule kakhulu izinga labafundi bezincwadi okubalwa nabafundi bamaNoveli, amaBhuku,iPhephandaba njalo njalo.Ongoti bezemfundo balithokozele kakhulu lelizinga lokukhula kwabantu abafunda kakhulu izincwadi ngoba phambilini isibalo sabantu abafunda izincwadi kuleli besiphansi ngamazinga amakhulu uma kuqhathaniswa nakwamanye amazwe.[1]
Iqhaza Elibanjwe uNgqongqoshe wezeMfundo
hlelaUNgqongqoshe wezemfundo uMnumzana Blade Nzimande ukuvezile nokuthi omakhalekukhwini besimanje nabo banomthelela omuhle kakhulu ekukhuleni kwezinga lokundwa kwezincwadi,sekukancane uthole umuntu ephethe incwadi,ibhuku,inoveli ngesandla kunalokho abantu bancamela ukuthi befunde bephethe omakhalekhukhwini. Ukufunda izincwadi kwenza nomqondo usabalale wazi konke okwenzeka ezweni jikelele, kukwenza uhlezi amasu noma amacebo amasha ngasosonke isikhathi. Omunye ukuvezile nokuthi kuyasiqeda isizungu nomzwangedwa kuphinde kudlale indima enkulu ekwakhiweni ikusasa eliqhakazile.[2]
Izithenjwa
hlela- ↑ Drew, C. (July 17, 2019). 45 Facts on The Importance of Reading Books. Helpful Professor. https://helpfulprofessor.com/importance-of-reading-books/
- ↑ Drew, C. (July 17, 2019). 45 Facts on The Importance of Reading Books. Helpful Professor. https://helpfulprofessor.com/importance-of-reading-books/
- ↑ Drew, C. (July 17, 2019). 45 Facts on The Importance of Reading Books. Helpful Professor. https://helpfulprofessor.com/importance-of-reading-books/