Ukucelwa kwentombi
Ukucela intombi yisiko lesiZulu elenziwa yisoka entombini ethandana nayo uma selifuna ukuganwa.Isoka liyaye litshele uyise ukuthi kunentombi eseliyibonile futhi elifuna ukuyithatha,ezokwazi ukuvusa umuzi.
IMIGOMO ELANDELWAYO
hlelaUMnumzane wekhaya ubeyaye uyambuza umfana ukuthi ingabe uqinisekile yini ngesinqumo afuna ukusithatha.Kubese kubhalwa inwcadi ethunyelwa kuboka ntombi eshoyo ukuthi bacela ukuzocela ubuhlobo ngosuku oluthile.Uma beluvuma lolo suku kabo ntombi kubese kwaziswa abaka bommfana ukuba bangeza.UMnumzane wekhaya ubese ethuma o-malume bomfana kabo ntombi.Bafika bamemeze ngaphandle kwesango bakhothamile ukukhomba inhlonipho bamemeze "sizocela ishlobo esihle"Ngaphambi kokuba bangeniswe esangweni bakhipha imali yokuthi banyathele emagcekeni.Bangeniswa ngaphakathi endlini bakhiphe imvula mlomo ngaphambi kokuqala izingxoxo.Umnumzane wekhaya ubese ebuza ukuthi beze ngani.Omalime bomfana babese bakhipha loko abazocela ngako.Umnumzane ubese ebatshela ukhalo lwakulowo muzi,Babhalelwa iphepha lezinkomo ekumele bazikhiphe uma sebeza ukuzolobola.O-malume bahamba nencwadi ebhalwe lenani lezinkomo ekumele likhishwe.Kubese kwenziwa amalungiselelo okuyo [1]lobola kubo ntombi.
IZINKOMBA
hlelaCatagories:Ukucelwa kwentombi Catagories:Amasiko okugana Catagories:Ukwenda Catagories:How to get married
- ↑ Stages in a Zulu Wedding: Lobola – The Ulwazi Programme