Ukuhlaziya Imininingo

inqubo yokuhlaziywa kwemininingo ngokuyihlola, ukuyihlanza nokwenza amaqoqo nonongo

Ukuhlaziya Imininingo kuyinqubo yokuhlola, yokuhlanza, yokuguqula, kanye nokwenza unongo lwemininingo ngenhloso yokuvubukula ukwaziswa okuwusizo, ukwazisa iziphetho, kanye nokusekela ukuthathwa kwezinqumo. [1] Ukuhlaziywa kwemininingo kunezici eziningi, ezihlanganisa ubuchule obunhlobonhlobo ngaphansi kwamagama ahlukene, futhi kuyasetshenziswa kwizihwebi ezihlukene, kunzululwazi, nasezidlangaleni zenzululwazi yomphakathi. Ezweni lanamuhla lezohwebo, ukuhlaziywa kwemininingo kunendima ekwenzeni izinqumo zibe ezenzululwazi kakhudlwana nasekusizeni izihwebi (businesses) zigidinge ngokufanele.

Ukuvukuza imininingo kungubuchule bokuhlaziywa kwemininingo ngokukhethekile obugxila ekunongeni izibalo nokuvubukukwa kolwazi ngezinjongo yokubikezela kunokuchazisa, kuyilapho ubuhlakani bohwebo buhlanganisa nokuhlaziywa kwemininingo encike kakhulu ekubumbutheni (aggregation), ngokugxila kakhulu ekwazisweni kohwebo. Ekusebenzeni kwezibalo, ukuhlaziywa kwemininingo kungahlukaniswa kube izibalo ezichazisayo (descriptive statistics), ukuhlaziya imininingo okuhlwayayo (exploratory data analysis (EDA)), kanye nokuhlaziya imininingo okuqinisekisayo (confirmatory data analysis (CDA)). i-EDA igxila ekuvubukuleni ulwangu olusha emininingweni kuyilapho i-CDA igxila ekuqinisekiseni noma ekumbuluziseni isihlawumbiselo esikhona. Uhlaziyo olubikezelayo lugxila ekusetshenzisweni konongo lezibalo ukuze kubikezelwe sakubhula noma ukujinjwa kokubikezelwa, kuyilapho ukuhlaziywa kwesilobo kusebenza ubuchule bezibalo, ulimi nohlaka ukugqoba nokujinja ukwaziswa emthonjeni yezilobo, okuwuhlobo lemininingo engahluziwe. Konke okungenhla kuyizinhlobo zokuhlaziywa kwemininingo.

Ukuhlayiza imininingo kuyisandulela sokuhlaziya imininingo, futhi ukuhlaziywa kwemininingo kuxhumene eduze nokubonwa kwemininingo kanye nokuchakalaliswa kwemininingo.

  1. "Transforming Unstructured Data into Useful Information", Big Data, Mining, and Analytics (Auerbach Publications): pp. 227–246, 2014-03-12, doi:10.1201/b16666-14, ISBN 978-0-429-09529-0, http://dx.doi.org/10.1201/b16666-14, retrieved 2021-05-29