Ukuhlukunyezwa Kwezingane Eningizimu Afrika
Ukuhlukunyezwa kwezingane eNingizimu Afrika sekuwumkhuba ojwayelekile, kanti abantu abaningi bacabanga ukuthi indlela yokuhlukumeza ingane iyodwa ukuyishaya uyilimaze emzimbeni, lokho okungelona neze iqiniso eliphelele.Ukuyithethisa kungenasidingo, ukuyisebenzisa ngokweqile noma uyenzise umsebenzi ongengangayo, ukungayinakekeli ngezidingonqangi, ukungayiphi uthando eluyifanele kanye nokuyinukubeza ngokocansi kusayikho ukuyihlukumeza konke lokho[1]. Umntwana ohlukumezekile engazizwa edidekile,ehlukile kwabanye futhi enamahloni ngobuyena.Engasaba ngisho ukuthi akubike ukuhlukumezeka kwakhe kwabanye abantu ikakhulukazi uma lona omhlukumezayo kungumzali,isihlobo noma elinye ilungu lomndeni.yingakho kubalulekile ukuthi siqaphele konke abakwenzayo abantwana ukuze sizosheshe sibone nezimpawu ezikhomba ukuthi khona okungasahambi kahle.Ucwaningo luveza ukuthi imvamisa abantu abanukubeza izingane kuba ngoyise abazizalayo kanye Noninalume bazo abanye baze bephethe ngokuyibulala mabesola ukuthi ingase ibikele abanye abantu.[2]
Singakunqanda Kanjani Ukuhlukunyezwa Kwezingane
hlelaZiningi izindlela zokunqanda ukubhebhetheka kwalomkhuba omubi kangaka, okokuqala ukuthi sibe bunene ezinganeni ukuze kubelula ukuthi zikhulume nathi nanomangabe yini ezibhekana nayo empilweni. Ukuthi ungayijezisi ingane uma usathukuthele ngokweqile zinike isikhathi wehlise umoya ukuze ukokwazi ukuthi uyijezise ngendlela efanele futhi efundisayo, Sibafundise nokuthi banamalungelo nabo ukuze bezozizwa bebalulekile futhi bazi ukuthi ukuhlukunyezwa kwabo akulona iphutha labo ngakhoke kumele bekubike ukuhlukunyezwa kabo, Okunye futhi okumqoka kakhulu ukuthi uma ubona umntwana elinyazwa noma ubona izimpawu zokuthi uyahlukunyezwa bikela abomthetho noma abezenhlalakahle uma futhi ukhuluma nengane lalelisisa kahle futhi uyinike isiqinisekiso sokuthi yenze into enhle ngokuthi ukubikele ukuhlukunyezwa kwayo. [3]
Shayela abakwasidlodlo kulenombolo:08600 10111
CWSA:0861 424 453
Inombolo yamahhala yomnyango wezokuthuthukiswa komphakathi: 0800 220 250
Shayela babhekelela ukuphepha kwezingane kule nombolo yamahhala ubusuke nemini: 116
IZINKOMBA
- ↑ Centers for Disease Control and Prevention. Violence Prevention: Child Abuse & Neglect (https://www.cdc.gov/violenceprevention/childabuseandneglect/index.html). Accessed 9/30/2020.
- ↑ https://www.webmd.com/children/child-abuse-signs
- ↑ https://www.dcyf.wa.gov/safety/prevent-child-abuse
- ↑ https://www.wmaca.org/contact/do-you-need-help/#:~:text=OTHER%20USEFUL%20CONTACTS%3A,or%20031%20310%206500%20(KZN)